Ezokungcebeleka Umculo

U-NAAK udalula okumshintshise igama nohlobo lomculo abewenza

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI uNAAK udalula okwenze wanquma ukushintsha indlela abenza izinto ngayo emculweni wakhe

Image: SITHUNYELWE

UMCULI wodumo lwezingoma ze-kwaito negqom adume ngazo kusukela eqala ukuzakhela igama emculweni eminyakeni engaphezu kuka-10 edlule, uNAAK - obekade aziwa ngokuthi wuNaak Musiq, usedalule ukuthi ubona kumsebenzela kakhulu ukushintsha igama lobuciko nohlobo lomculo wakhe, njengoba eseqala evuna izithelo ngokusha akwenzayo manje.

UNAAK usho njalo exoxa neSolezwe mayelana nomculo wakhe omusha oshaya ngesigqi esihlukile kwayaziwa ngaso. Kumanje kunengoma yakhe entsha eyenza kahle kakhulu ezitolo zomculo, kusukela iphumile ngoDisemba nyakenye, ethi Noba Yintoni. Uyishaya noBongi Mvuyana, yaphrojuswa wuBun Xapa ngesigqi se-Afro house ne-Afro tech. 

Uthe isinqumo sokuguqula indlela abenza ngayo emculweni samfikela ngo-2022  esasebenza esitebeleni sikaDJ Tira i-Afrotainment lapho anquma khona ukumazisa ukuthi useqoke ukushintsha unyawo ebucikweni bakhe, ngenhloso yokugxila kwi-Afro tech.

UMCULI uNAAK udalula okwenze wanquma ukushintsha indlela abenza izinto ngayo emculweni wakhe

Image: SITHUNYELWE

“Ngamazisa uTira ukuthi manje sengifuna ukuzimela nokusebenza ngendlela ehlukile kakhulu kulokho ebengaziwa ngakho ngoba ngase ngikhathele wukukhiqiza umculo ngendlela eyodwa. Ngakujabulela ukuthi wangikhulula ukuzenzela izinto ngendlela yami - engibona kuthela izithelo ezinhle manje njengoba sengithole intuba kulo mculo,” kusho yena.

Eqhuba, uthe okunye okumsebenzela kakhulu wukuthi ngaphambi kokugxila emculweni, wayevele ewuDJ walolu hlobo lomculo. Lokhu kwenze kwaba lula ukugxila kuwona manje njengoba esesetshenzelwa nawukuthi usejwayele ukucula futhi uyakwazi.

“Ngisizwe nawukuthi ngingajahi ukuchuma njengoba yonke le minyaka kusukela ngo-2022 ngiqale ngangakhipha umculo omusha, kepha ngasebenzisa amava ami emculweni ukwakha ubudlelwano obusha nobuhle namaciko enza kahle kwi-Afro tech engibala kuwona oShimza, uSun-El Musician, Kususa nabanye abangincelise kogwansile,” usho kanje.

Uthe kulo nyaka uzoqhubeka akhele kulokho asekwenzile ukuze aqhubeke acabe indlela yakhe yokuchuma ngalolu hlobo lomculo, adalule ukuthi ukhule evele eluthanda - njengoba kumanje kunomculo omningi asewenze noBun Xapa, azowukhipha maduze.

UNAAK igama lakhe lokuzalwa wu-Anga Makubalo, usesebenze namaciko amaningi emculweni esingabala kuwona uBlack Coffee, DJ Tira, Big NUZ, DJ Fisherman, Kususa, Argento Dust, Deep Narratives, Atmos Blaq, Da Capo neTomer & Ricardo.

Waziwa ngezingoma afike wagalela ngazo kwezwakala emculweni okubalwa kuzona iCallout, Ama-Benjamin neMamelani. Kanti futhi uwumlingisi njengoba eseke walingisa emidlwaleni okubalwa kuyona iGenerations, Z’bondiwe, Igazi, Isidingo neThe Estate