Ezokungcebeleka Umculo

Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi olulamela ekhaya

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI waseLimpopo uMakhadzi usephumile esibhedlela emuva kokushayiswa yimoto ngosuku olwandulela uNcibijane

Image: X

UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto angu-10 ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.

UMakhadzi ushayiswe yimoto eMokopane, eLimpopo, ngoDisemba 31 esuka ePolokwane eya eGoli.

Okhulumela inkampani yakhe iMakhadzi Entertainment, uLucky "Slim" Tshilimandila, ekhuluma ezindabeni zeSABC ngempelasonto uthe ngesikhathi uMakhadzi esendleleni eyonandisa eGoli umshayeli wemoto ababehamba ngayo wezwa umsindo uqhamuka emotweni.

Wamisa imoto efuna ukuhlola ukuthi umsindo usuka kuphi. Kungaleso sikhathi lapho uMakhadzi nabehamba nabo baphuma khona bethi bayazilula.

Uqhube wathi kwaqhamuka imoto ababengayiboni yamshayisa.

Umshayeli wakhe wamfaka emotweni wamphuthumisa esibhedlela ePolokwane.

Uthe wahlizwa ihora nohhafu ngoba wayelimele ehlombe nasemzimbeni kwesingezansi.

Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo iMatorokisi, Number 1 nezinye, ukhiphe isitatimende ngoMsombuluko ekuseni echazela abalandeli bakhe ngesimo sakhe.

Ubonge ukwesekwa ngalesi sikhathi asichaze njengesinzima.

“Ngibona kunesidingo sokuthi nginitshele ngesimo sami ngalesi sikhathi ngenxa yothando nokungeseka eninginika khona, hhayi kuphela abalandeli bami eNingizimu Afrika kodwa e-Afrika nasemhlabeni jikelele. Sengiphumile esibhedlela umndeni wami uzonginakekela kuze kuba isimo sibuyela kwesijwayelekile,” kusho uMakhadzi.

UMakhadzi ogama lakhe lokuzalwa nguNdivhudzannyi Ralivhona, uqhube wathi udokotela umeluleke ngokuthi alulamele ekhaya amasonto angu-10 engayi ukuyonandisa.

Uthe uyamethemba uNkulunkulu ukuthi uzokwenza umlingo.

“Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuvikela iphimbo lami. Amasonto angu-10 angabukeka sengathi azoba yisikhathi lapho ngizizwa ngingedwa khona kodwa ngiyakholwa wukuthi uNkulunkulu unginika isikhathi sokubhala umculo omnandi,” kusho uMakhadzi.

Uthe uzobe enganandisi kodwa uzoya e-studiyo ayoqopha.

USlim uthe balindele ukuthi aqale ukunandisa ngePhasika.