Ezokungcebeleka Umculo

U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Sox ohlela umcimbi, iDurban Underground, eba seVirginia Airport ngoDisemba 25

Image: Sithunyelwe

UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi “DJ Sox” Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.

USox ogqame kakhulu esadlala ngokuhlanganyela noDJ Tira bezibiza ngeDurban’s Finest, uthe uchithe isikhathi esiningi e-studio kulo nyaka.

“Nginazo izingoma ziningi ngoba ngisishaye kakhulu i-studio kulo nyaka. Inkinga ukuthi ngixakwe ngamanye amabhizinisi nokuphinde ngibe sebhodini lezokuvakasha laseMhlanga. Lokho kungenze ngangakwazi ukuqeda kahle amalungiselelo okukhipha ngase ngihlehlisela unyaka ozayo,” kusho uSox.

Uthe nokho kunengoma apikwe kuyo uDJ Sobz esanda kuphuma ethi Indlela, wathi iyona nezinye izingoma azobe ezizwisa abantu emcimbini wakhe waminyaka yonke, iDurban Underground, ozoba seVirginia Airport ngoDisemba 25.

“Ngizobe ngizwisa abantu umculo wami omusha ngilalele nezincomo ukuze uma kukhona lapho okumele ngilungise khona ngishintshe. Ngale kwalokho, ngingumuntu othanda kakhulu ukweseka amaciko, ikakhulukazi aKwaZulu-Natal. Ngiyathanda ukudlala umculo umusha ngoba angifuni ukuphinda izingoma ezizodwa ngathi i-dukebox,” kuchaza uSox.

Echaza ngeDurban Underground, uthe inhloso yayo wukujabulisa abantu uma sebeqedile ukuchitha isikhathi nemindeni ngoKhisimusi.

“Umcimbi obalulekile kwezokuvakasha ngoba udonsa nabantu bangaphandle. Nabasuke beseThekwini, behleli emahhotela, bayakwazi ukuzojabula ngoba izindawo eziningi zisuke zivaliwe abasebenzzi beseholidini. Siyabonga ophikweni lezokuvakasha kuMasipala weTheku oselube nathi isikhathi eside. Kwezinye izindawo omasipala abayixhasi imicimbi enjengale eheha nezivakashi.”

Uthe wonke umuntu uzobe eyiVIP.

Abazonandisa kubalwa kubo uMörda Bongz, Oscar Mbo, Durban’s Finest, Dlala Thukzin, Merlon, Dankie Boi, Stanky nabanye. Amathikithi aqala ku-R100 eWebtickets.