Ezokungcebeleka Umculo

UZee ukhuza ukuhlukumezana othandweni ngengoma yomjuxuzo

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI wama-piano ne-house, uZee Nxumalo, osematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe noDJ Lag ethi Ngiyasindelwa

Image: SITHUNYELWE

UMCULI wama-piano ne-house ongomunye wabangaconsi phansi kule ndima, uZee Nxumalo, usedalule ukuthi ukuqonda nokuqaphela izinselelo nokuhlukumezeka abantu ababhekana nakho ebudlelwaneni bothando bumkhuthaze ukukhipha ingoma ekhuza kona.

UZee usho njalo exoxa neSolezwe, malungana nengoma yakhe noDJ Lag esematheni kulezi zinsuku ethi Ngiyasindelwa, abayenze nophrojusa uK.C Driller, ejabulisa abantu ezindaweni zobumnandi futhi enomyalezo semqoka okhuza ukuhlukumezana othandweni.

Uthe umyalezo wale ngoma, ekwi-albhamu kaDJ Lag esihloko sithi Southside Mixtape, ephume ngoNovemba 14, ukhuza ukuhlukumezana kwabathandanayo, ikakhulu uma kucaca ukuthi lowo muntu okuhlukumezayo akawuboni umthelela walokho kuwena.

U-DJ Lag, osematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe noZee Nxumalo ethi Ngiyasindelwa

Image: SITHUNYELWE

“Kube yingoma okube lula kakhulu ukuyenza ngoba ikhuluma ngesimo esaziwa cishe yiwona wonke umuntu emphakathini, nengikhuza ngayo lesi simo engisibona senzeka ebantwini abaningi abathandanayo, engihlose ukukhuza lowo mkhuba ngayo,” usho kanje.

Eqhuba, udalule ukuthi lo nyaka ube muhle kakhulu kuyena ngokomculo njengoba okuningi akwenzayo ngawo kuthele izithelo ezibonakalayo, kwanda imicimbi aqashwa kuyona futhi aba maningi namaciko asebenze nawo ezingomeni zawo ezahlukene.

“Manje sengiqalile ukusebenzela emculweni engihlela ukuwudedela ebantwini uma kuqala unyaka ozayo. Kubalwa umsebenzi wecwecwe engihlela ukulikhipha ngokuhlanganyela noDlala Thukzin futhi engijabule kakhulu ngalo ngoba sekuyisikhathi eside abantu belicela ukuthi silenze ndawonye ngoba bethanda izingoma esiyaye sizenze naye,” kusho uZee.

Kuthintwa uDJ Lag malungana nempumelelo yale ngoma, yena uthe ubonga yena uZee ngakho konke okwenzekayo ngayo manje ngoba wuyena owenze ukuthi ibe yilokhu eyikho manje ngenxa yethalente lakhe lokucula, athi ukusebenza kwabo kube lula kakhulu.