Uqolothakamango womculi uSipho "Hotstix" Mabuse uzonandisa kwiCape Town International Jazz Festival ngoMashi
Image: Instagram
ABAHLELI bendumezulu yomcimbi waminyaka yonke, iCape Town International Jazz Festival, sebeqalile ukutomula emgodleni wabo izilomo zabaculi abazogadla ngazo.
Umcimbi okuzoba ngokuka-23 ukhona, uzoba ngoMashi 27 uze uphele ngakusasa ngomhla ka-28 eCape Town International Convention Centre.
Ngesikhathi kumatasa namalungiselelo ale jazz, abagqugquzeli bashintshe nendlela obukeka ngayo ngokwenza uphawu lomcimbi lwaba yizinhlamvu uCTIJF ezime ngesitayela.
UJabulile Majola one-albhamu ethi Isitifiketi
Image: Instagram
Abaculi abamenyezeliwe kubalwa kubalwa kubo ogabe ngezindondo eziyisikhombisa zamaGrammy, uJacob Collier, wase-United Kingdom.
Abanye yingwazi uSipho “Hotstix” Mabuse, Nduduzo Makhathini, Manana, Jasmine Myra noRorisang Sechele.
Kuboshelwe nomculi omusha uJabulile Majola ozibule nge-albhamu ethi Isitifiketi enengoma ethi Woza Mntana.
Kuzobe kunandisa nabayizilomo zomculo womdanso obizwa nge-3 step uJazzworld noThukuthela. Bobabili bagqame kakhulu ngezingoma ezishise izikhotha nonyaka okubalwa kuzo Isaka abayishaya noCiza, Uzizwa Kanjani neBengicela abazenze noMawhoo noGL_Ceejay nezinye.
Abanye abaculi bazomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Amathikithi ale ndumezulu aseqalile ukudayisa ku: www.ticketmaster.co.za. Awempelasonto aqala ku-R2 100 kuthi awosuku olulodwa abe wu-R1 350.