U-ANDILE KaMajola othi usefuna ukungenisa emazweni aphesheya ngomculo wakhe
Image: SITHUNYELWE
USEFUNA ukungenisa kwamanye amazwe umculi wokholo u-Andile KaMajola nge-Extended Play (EP) yakhe entsha ephume namuhla ngoLwesihlanu.
U-Andile, oneminyaka engu-26 esemculweni, ukhiphe i-EP enezingoma eziyisikhombisa ethi Global Heat.
"Ibalulekile kakhulu empilweni yami nasemsebenzini wami ngoba ngiyethula emhlabeni jikelele. U-Andile KaMajola usayine nenkampani iSony. Okokuqala eminyakeni engu-26 ngisemculweni, sengibheka amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe," kusho u-Andile.
Uthe yize engasukanga esigqini sakhe aziwa ngaso kodwa kukhona okusha eza nakho. Uthe usebenze noBuhle Nhlangulela, Putuma Tiso, Muzi Xulu noShadrack Ndlovu wase epika nekhwaya Amabhubesi.
"U-60% yisigqi sami engaziwa ngaso kuthi u-40% kube ngesiyokhonga ngaso phesheya ngenxa yalokhu ngizobe ngihamba kakhulu kusuka ngoFebhuwari. Ngizohambela izifunda eziyisishiyagalombili e-United States of America. Nasemazweni ase-Afrika ngizoya nakhona ngiyobheka umsebenzi," kuqhuba u-Andile.
Uthe akakholelwa ekwenzeni izinto ngokushesha nokuyingakho kumthathe isikhathi ukuthi athathe igxathu lokuyongenisa phesheya.
Ngokukhipha incwadi yomculo Uhambo Lwamahubo uthe uthathe isikhathi sakhe.
"Ngibe nephupho isikhathi eside ukuthi umculo wami ungapheleli lapha ekhaya. Nginesifiso sokwenza umculo ozokwazi ukusetshenziswa izizukulwane ezizayo. Kufakazelwa yile ncwadi yami yamahubo. Ngithathe izingoma ezingu-218 kwezingu-350 engizibhalile ngazifaka encwadini yokuhlabelela emasontweni. Konke lokhu kuwukufeza isifiso sami sokuthi abantu bawukhumbule umsebenzi wami noma sengihambile ngelinye ilanga," kusho yena.
Uthe i-EP inezingoma ezihlukene futhi eyokuqala ayiphushayo ngeshaya ngesigqi setende ethi Ukube Wena Wawungekho.
"Esiyokhonga ngayo phesheya ithi Its Happening. Yona ikhuluma ngezisho nezifiso ozishoyo uma kuqala unyaka uthi lona unyaka wami wokuphumelela, ebhizinisini ngiyaphumelela, ngokomndeni nangokwempilo."