INGQALABUTHO yomculo wokholo uMfu Mthunzi Namba izojabulisa abantu ngendumiso emcimbini weSpirit of Praise e-ICC, eThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
KULINDELEKE ukuthi abathandi nabalandeli bomculo wokholo babheme bakholwe uma sebethamele umcimbi weqembu lomculo wokholo iSpirit of Praise, ozoba se-ICC, eThekwini ngoMgqibelo ngo-Okthoba 4, kusukela ngo-6 ntambama.
Lokho kungenxa yesimemezelo esenziwe ngabahleli balo mcimbi sokuthi kulo nyaka bazohambisana nengqalabutho yomculo wokholo futhi engomunye wabasunguli beqembu lomculo wokholo iJoyous Celebrations uMfu Mthunzi Namba, ozobusisa abantu ngamaculo endumiso.
Lezo zindaba ziqinisekiswe nguMatthew Nkabinde, wophiko lwezokumaketha kuleli khwaya, exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngamalungiselelo alo mcimbi, lapho leli qembu lizobe liqhulula khona izingoma zalo ze-albhamu yalo ka-11 esihloko sithi The Next Level, elayiqopha bukhoma eSunBet Arena, ePitoli ngoJuni nonyaka.
UMCULI uNontokozo Mkhize osemacikweni azobusisa abantu ngomculo emcimbini weSpirit of Praise ozoba se-ICC, eThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
"Sijabule kakhulu ngokuthi uMthunzi avume futhi amukele isicelo sethu sokuthi azoba yingxenye yalo mcimbi omuhle nomkhulu kangaka, ikakhulu ngoba amagalelo akhe ayaziwa endimeni yomculo ngakho sithemba ukuthi abantu bazokuthokozela lokhu," usho kanje.
Eqhuba, uthe konke kuhamba kahle ngamalungiselelo alo mcimbi ozoba khona kukade kuphume le albhamu ngayizolo, athi bakwenze ngamabomu kanjalo ngoba benzela ukuthi abantu baseThekwini namaphethelo bathole ithuba lokuyilalela andukuba bezwe leli khwaya selicula lawo manoni bukhoma emcimbini walo.
UMCULI uSindi Ntombela osemacikweni azonandisa emcimbini weSpirit of Praise ozoba se-ICC, eThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
Nonyaka lo mcimbi ubophele amaciko aziwayo nathandwayo emculweni wokholo okukhona kuwona oCannan Nyathi, Mpumi Mtsweni, Dumi Mkokstad, Omega, Sindi Ntombela, Everton, Tshepo Nyawuza, Kgaogelo Kekana, Xola Toto, Katleho Seabi, Lufuno Dagada noNontokozo Mkhize - okuzobe kungokokuqala ecula bukhoma kule khwaya.
"Konke lokho kuyindlela yethu yokuqhubeka sithuthukise amaciko asemasha nanethalente elimangalisayo emculweni, futhi siqikelelile nakulokhu ukuthi sididiyele amaciko ezinhlanga ezahlukene ukuze cishe wonke umuntu kube khona ingoma azoyithanda kulo msebenzi, yingakho nesihloko sayo sithi Next Level - ukufakazela ukuthi sesihlose ukuqhubekela kwelinye izinga eliphezulu kunesesike sakwenza ngale khwaya," kusho uNkabinde.
UMCULI uDumi Mkokstad osemacikweni azonandisa emcimbini weSpirit of Praise ozoba se-ICC, eThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
Lo mcimbu uhlale unesasasa njalo uma uza eThekwini, kanti namathikithi awo anonyaka athengwa ubuthaphuthaphu kumanje eComputicket ngoR350 kuya phezulu.