Ezokungcebeleka Umculo

UMpumi ubhoboka ngokwenze wahlaba ikhefu emculweni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMPUMI ukhuze ibuya emculweni ngecwecwe lakhe elisihloko sithi Iculo Lami EP

Image: SITHUNYELWE

INTANDOKAZI yomculi we-house, uMpumi, isidalule ukuthi ubuningi bezingqinamba ezithiye ubuciko bayo ngenye yezinto ezenze yahlaba ikhefu leminyaka emibili ingabonakali emculweni njengoba isikhuza ibuya ngenoni elisihloko sithi Iculu Lami EP.

UMpumi (43) usho njalo exoxa neSolezwe ngaleli cwecwe eliphume ngenyanga edlule, adalule ukuthi liyindlela yakhe yokubuya nokuzethula kabusha ebantwini ukukhombisa ukuthi usekhona futhi akakezukuya ndawo ebucikweni nasemculweni aziwa ngawo.

"Ngikhipha okungaphakathi kimina futhi ngiveza indlela engizizwa ngayo ngezimo ezahlukene zempilo ikakhulu ngoba ziba ziningi izingqinamba ezithiya ukusebenza kwethu. Kwenzekile nakimi ngenkathi ngingezwakali emculweni ngenxa yokuthi ngibe nezinguquko eziningi ebengibhekene nazo ngenkathi ngishintsha ithimba ebengisebenza nalo. Kwesinye isikhathi uma yonke into ibheke wena kubuye kungenzeki ngendlela ofisa ngayo yingakho sengibuya manje ngale ndlela," kulanda uMpumi. 

UMPUMI ukhuze ibuya emculweni ngecwecwe lakhe elisihloko sithi Iculo Lami EP

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba uthe wenze ngamabomu ukuthi leli cwecwe lingabi nenqwaba yezingoma njengoba egadla ngeziyisihlanu kuphela. Uthe lokhu ukwenzele ukuthi angakhiphi izingoma eziningi ezingakulungeli ukuphumela ebantwini.

"Kanti kulokhu ngithembe kakhulu ingoma ethi Dali engeyothando engisebenze kuyona noProfessor okwaziwayo ukuthi sihlale sishaya into ecokeme naye. Nalena ethi Ufanelwe ngiyikhonze kakhulu njengoba ikhuluma ngobukhulu bukaNkulunkulu namandla akhe, nami engibona kuyiwona angisizile ngadlula ezingqinambeni ebengibhekene nazo," usho kanje.

Amanye amaciko asebenze nawo kulo msebenzi ngoBen Major, DJ Sneja, BlaQ Rhythm, Kenza, Drum Dope nophrojusa osekuyisikhathi eside esebenzisana naye uDJ Active.

"Ngiyaqinisekisa futhi ukuthi njengoba sengibuyile manje abantu basazozwa umculo omningi engizowukhipha namaciko ahlukile ikakhulu asemasha endimeni ukujabulisa abalandeli bomculo," usho kanje.

UMpumi igama lakhe lokuzalwa nguNompumelelo Mzobe. Uzalelwe eNdwedwe, wakhulela eThekwini, kanti manje usezinze eGoli ngokusebenza. Uneziqu ze-Diploma in Video Technology yaseDurban University of Technology ne-BA in Communication Science yase-University of South Africa. 

Ngaphambi kokukhipha Iculo Lami EP, ugadle ngama-albhamu amathathu; Abantu yango-2023, Nompumelelo yango-2020 nazibule ngayo ngo-2016 ethi The Birth of Mpumi. Uzakhele udumo ngezingoma ezithi Ngifike, Yawheh, Izulu, Somandla, Wena, Umoya, Iphupho nethi Mfo kaLanga.