UMCULI wowokholo ogabe ngendumiso uMusa Yende
Image: SITHUNYELWE
UKUSEBENZA iminyaka ewu-10 elekelela amaciko ehlukene aziwayo endimeni yomculo wokholo ngokuwaculela ngemuva phecelezi ukuba yi-backing vocalist kwenza umculi wokholo uMusa Yende akholwe wukuthi usefunde okwanele ukuthi azimele manje emculweni.
UMusa, waseSpruitview, eGoli, usebenze isikhathi eside namaciko esingabala kuwona uBenjamin Dube noDr Tumi, ebaculela ethimbeni elivuma ezingomeni zabo, njengoba manje esezimele endimeni - kanti kumanje usabalalisa icwecwe lakhe eliphume maphakathi nalo nyaka eligabe ngezingoma eziyisikhombisa elisihloko sithi Sustained by Grace EP.
Uthe le ndlela, evame ukusetshenziswa ngamaciko amaningi ukungena emculweni wokholo, imsize kakhulu ukufunda ukuthi emculweni izinto zenziwa kanjani, njengoba futhi bekuvele kuyindlela yakhe yokuzifaka ebantwini, acabanga ukuthi isizile ukumphendlela indlela.
UMCULI wowokholo ogabe ngendumiso uMusa Yende
Image: SITHUNYELWE
"Okwamanje vele angibhekile izinto eziningi nezinkulu kakhulu ngokushesha, engikwenzayo nje kuyisendlalelo sokuqhubeka ngiphendle indlela yokuthi abantu baze bangazi kahle futhi baqonde uhlobo lobuciko engihlela ukukuveza kule ndima, futhi ngigqamise ikhono lami lokucula engilibona liwubizo engizimisele ukululandela ngokugcwele ," usho kanje.
Wethembise ukuthi uzimisele ukusebenzisa ikhono lakhe lokudumisa ukubusisa, avuselele futhi akhuthaze abantu ukwenza izinto ezinhle nokungaphelelwa yithemba empilweni, abona esekulungele ukumelana nazo zonke izinselelo okungase kuhambisane nazo.
"Manje sengiqalile ngenza izinhlelo zokuthi ngikhiphe i-albhamu yami yokuqala engibheke ukuthi uma konke kuhambe kahle ngiyiqophe bukhoma bese iyaphuma ekuqaleni konyaka ozayo noma maphakathi nawo," kusho uMusa oneziqu zomculo azifundele eCentral Johannesburg College ngo-2017.