Ezokungcebeleka Umculo

Izonikelelwa uRiky Rick ingoma engezifo zengqondo

Fanelesibonge Bengu|Published

UMREPHA wakuleli ongasekho uRiky Rick

Image: sigciniwe

INHLANGANO eqanjwe ngomrepha owazibulala ngo-2022, uRiky Rick, ipheka ingoma yokulapha nokweseka abakhungethwe yizifo zengqondo okubalwa ingcindezi nokhwantalala ngokuhlanganisa abantu abahlukene.

URiky Rick, owayedume ngezingoma okubalwa kuzo iBoss Zonke, Nafukwa, wazibulala ngenxa yokuhaqwa wukhwantalala.

IRiky Rick Foundation eyasungulwa wunina, uLouisa Zondo nomkakhe uBianca Nadioo, ihlanganisa ingoma yokubuyisa ithemba kwabanezifo ezithinta ingqondo. Iyenza ngaphansi komkhankaso i-Words that Heal.

Ihlanganiswa ngokumbisana nabenxanxathela yezitolo iSandton City, eGoli.

Abantu bathumela imiyalezo yabo eqoshiwe ama-voice note kuWhatsApp ukuze babe yingxenye yengoma.

“Balinganiselwa ku-23 abantu abazibulalayo nsukuzonke eNingizimu Afrika kanjalo nabangu-460 abazama ukuzibulala. Ucwaningo lwakamuva lweSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), luthole ukuthi u-9% wezigameko zokufa kwabantu abasha (abaneminyaka ephakathi kuka-13-19) kungenxa yokuzibulala futhi lesi sibalo siyakhula. Okukhathaza kakhulu ukuthi izingane zingaphezu kuka-7 000 zilashelwe ukuzama ukuzibulala ezweni phakathi kuka-Ephreli noDisemba 2024,” kusho abeSandton City.

Ingoma kulindeleke ukuthi iphume ngaphambi kokuphela konyaka. Yonke inzuzo ezokwenziwa kuyo izonikelelwa iRiky Rick Foundation.

Naphezu kokuba sekuphele iminyaka emithathu lo mrepha ashona kodwa igama lakhe lisaphila.

Ngo-Ephreli, kukhishwe i-albhamu ase eshiye eyenzile iBoss Zonke Forever. Phakathi kwezingoma ezikuyo kubalwa iCishe Ngaposta apike kuyo uFocalistic, 25k, Blxckie, K.Keed, Blue Pappi noLowfeye.

Nomcimbi awuqala i-Cotton Fest, usaqhubeka nokwenziwa.