Ezokungcebeleka Umculo

Udumo lumeqe ngemuva ogqame ngeJuba likaMzukulu

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI kamaskandi ongaconsi phansi kulezi zinsuku uThobelani Buthelezi, owaziwa ngelikaShenge waseHlalankosi

Image: SITHUNYELWE

OMUNYE wabaculi abangaconsi phansi kulezi zinsuku ngenxa yokugalela kwakhe ezingomeni zamaciko ehlukene omaskandi, uShenge WaseHlalankosi usedalule ukuthi nakuba ekuthokozela ukuduma kwakhe futhi kumlethela imali ngokuqashwa emicimbini ehlukene, kodwa okwamanje akaziphuphi nangephutha egxile emculweni ngokugcwele.

UShenge WaseHlalankosi (21) wakwaBhekumthetho, kwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, usho njalo engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, lapho edalule khona nokuthi uze uduma kangaka nje, ukugqama ngomculo yinto ayengayihlosile.

“Nakuba ngikhuliswe wubaba obaziwa endaweni ngokuvumisa ingoma futhi eyigagu, kodwa bengingazitsheli ukuthi kungaba yinto engiduma ngayo ngelinye ilanga, njengoba kwakhona ukuthi ngize ngicule ezingomeni eziningi kangaka ezidumile, yinto eyaqala ngizidlalela ngokwenza ama-video kwiTikTok, okwathi sengenze eyengoma kaMzukulu ethi Umthwalo, yathakaselwa kakhulu okwaze kwadoba iso nendlebe kaMzukulu - wase engithinta, saqopha ingoma yakhe ethi Ijuba, okuyiyona engakhele udumo endimeni yomculo,” kusho yena.

Eqhuba, uShenge waseHlalankosi, ogama lakhe lokuzalwa wuThobelani Buthelezi, uthe into ayibabele kakhulu wukugxila emfundweni, njengoba nyakenye ephothule iziqu zakhe zokuqala ze-Diploma in Finance and Accounting yaseMangosuthu University of Technology, eMlaza, asevele usezinhlelweni zokuqhubeka ayengeze nge-Advance Diploma yayo.

“Ngifuna nokugxila kwezamabhizinisi ukusiza ukuhlelela ikusasa ngoba ngiyazi ukuthi emculweni akuhlale kumnandi; namhlanje uyashisa, kuthi ngakusasa sekushisa omunye, yingakho ngingafuni nokuqopha owami umculo okwamanje ngoba angikakulungeli ukugxila kuwona ngokugcwele nangokuphelele ngoba kuningi engisafuna ukukwenza,” usho kanje.

Ngale kwale ngoma kaMzukulu ethi Ijuba, leli ciko aliconsi phansi ngenxa yokuthi ziningi ezinye izingoma elishaya into ecokeme kuzona, iningi lazo esezilalelwe ngabantu abangaphezu kuka-1 million selokhu ziphumile.

Kuzo kukhona ekaMroza Fakude ethi Ayaphi Amaphoyisa, ekaNhloso Khwela ethi UNikhodima, ekaMahostela 97 ethi Ngikheth’ Utshwala nethi Kuyoqhum’ Isililo, ekaSkhanga ethi Sithola Uthando, Chophosdluleni ethi Ngiyazondlela nekaMthwalo ethi Uchuku