Ezokungcebeleka Umculo

Owokholo uzobuyisa ithemba ebantwini 'ngolozolo' lwendumiso

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI wowokholo ongaconsi phansi kubalandeli uXolly Mncwango uzokwenza umcimbi wedili lomculo e-ICC, eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

OMUNYE wabaculi bowokholo abangaconsi phansi kubalandeli kulezi zinsuku uXolly Mncwango usethembise ukuthi abantu abazohambela umcimbi wakhe wedili lomculo bazobhema bakholwe njengoba ehlose ukusebenzisa wona ukubuyisa ithemba kubona.

UXolly, odabuka eRichards Bay, enyakatho yaKwaZulu-Natal, uzokwenza umcimbi awubiza ngokuthi yiThe Unsual Encounter, azowenza e-ICC, eThekwini ngo-Agasti 2 no-3, lapho okulindeleke ukuthi kuvalwe ngomuntu emnyango njengoba amathikithi awo adayisa aphela ezinsukwini ezingu-12 eqalile ukudayiswa, kwaze kwaphoqa ukuthi engeze usuku lwesibili, nawakhona osekuvele ukuthi azophela noma yinini kusukela manje.

Engxoxweni neSolezwe ngamalungiselelo omcimbi, aqale ukuwenza eCarnival City, eGoli nyakenye, lo mculi osematheni nonyaka ngengoma yakhe ethi Liyabasebenzela, uthe konke lokhu okwenzeka manje empilweni yakhe ngobuciko bakhe kuwubufakazi kobukhona bukaNkulunkulu, nokuthi uma umkhonza ngeqiniso - wenzelana umusa nezinto ezinhle.

"Konkeokwenzeka ebucikweni bami angifuni ukuzikhukhumeza ngakho ngoba ngiyazi ukuthi ukube uNkulunkulu akangenzeli umusa wakhe bekungeke kwenzeke nhlobo, futhi ngiyazibongela kakhulu kubalandeli bami ngokungithanda ngiyileli ciko engiyilona, nokuthi bangangiqhathanisi futhi bangafuni ukungishintsha ukuthi ngibe ngenye into," usho kanje.

Eqhuba, uthe emcimbini wakhe uzoqhulula bukhoma amanoni ezingoma zakhe eziningi aziwa ngazo, kanti futhi kuzobe kukhona namaciko amane akhona lapha eThekwini, nokho angezukuwadalula, azobe enandisa nawo e-siteji ukujabulisa izethameli emcimbini.

UMCULI wowokholo ongaconsi phansi kubalandeli uXolly Mncwango uzokwenza umcimbi wedili lomculo e-ICC, eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

"Njengoba sithi The Unsual Encounter, yindlela engidweba ngayo isithombe sokuthi kuzobe kwenzekani emcimbini, njengoba kuzohlaluka obala ubukhona bukaNkulunkulu ukuthi ukwazi ukuziveza kanjani ngendumiso nomculo ozobuyisa ithemba ebantwini," kusho uXolly. 

Le ntokazi iqale ukugqama emculweni isacula eqenjini lomculo wokholo elithandwayo iJoyous Celebration eminyakeni engaphezu kwewu-10 edlule, lapho yayiyingxenye ye-albhamu yayo ka-17 yango-2013 ethi Grateful. Ineziqu ze-Music Theory zaseVarsity College. 

Iqale ukuzimela emculweni ikhipha i-albhamu yayo yokuqala ethi Jesus Is Enough ngo-2020, eyaduma ngengoma yayo ethi Ungukuphila. Nyakenye ikhiphe i-albhamu yayo yesibili ethi Unsual, yona egabe ngenoni elithi Umuhle Baba, elelanywe ngelanonyaka elithi Liyabasebenzela.

UXolly usewole inqwaba yezindondo ngomculo wakhe kubalwa eye-Ingoma Awards, South African Music Awards, Crown Gospel Music Awards neyama-Metro FM Awards.