MTHANDENI SK
Image: FACEBOOK
KULINDELEKE ukuthi babheme bakholwe abathanda ubumnandi nezobuciko abazohambela umcimbi waminyaka yonke womjaho wamahhashi nezemfashini iDundee July, ezoba seNdumeni Racecourse, khona eDundee, enyakatho yeKwaZulu-Natal kusasa.
Kulo mcimbi, obuya ihlandla lika-20 nonyaka kuzothi kungaqedwa umqhudelwano womtelebhelo wamahhashi nemiqhudelwano ehlukene yemfashini, bese kuqala idili lomculo eBattlefields Country Lodge and Sports Resort, bude buduze nenkundla okuzobe kunomjaho wamahhashi nezemfashini kuyona, kusukela ngo-5 ntambama kuze kuse.
UDJ Tira okwabazonandisa kwiDundee July
Image: FACEBOOK
Kuleli dili lomculo kuzonandisa izihlabani zamaciko emikhakha eyahlukene ezithandwayo nezisezingeni eliphezulu okubalwa kuzona oDJ Tira, Kabza De Small, Nomcebo Zikode, Mawhoo, Mawelele, Goldmax, Mthandeni SK, Kelly Khumalo, Limit Nala, Duncane noJumbo.
Okuhle ngaleli dili wukuthi kuzobe kungenwa mahhala kwabe-general, bese kuba wuR80 ithikithi leVIP, R1 300 weleVVIP noR150 wokungena ne-coolerbox. Amathikithi ayatholakala eTicketpro nakoSpar ezweni lonke.
MAWHOO
Image: FACEBOOK
Ubumnandi buzoqhubeka ngelinye futhi idili lomcimbi elihlelelwe abantu abakhonze umculo wesintu elibizwa ngokuthi Amabhinca Experience - lapho okuzonandisa khona oLwah Ndlunkulu, Limit, Mthandeni SK, Khuzani, Sminofu, Gatsheni, Mntuyenziwa, Mjolisi, Navigator, Ntencane, Umafikizolo, Njabulo Langa, Quality Biyela, Bahubhe, Mdumazi noMenzi.
JUMBO
Image: FACEBOOK
KABZA DE SMALL
Image: FACEBOOK
Nakulona wamabhinca, ozoqala ngo-12 emini kuya ku-8 ebusuku - kuzongenwa mahhala uma uhlobe ngomsiko wamabhinca, kube wuR2 000 kwabagqoke izimpahla ezijwayelekile, uR500 i-VIP noR800 i-VVIP.
Kelly Khumalo
Image: SIGCINIWE