USKHEVANE noJez’elikhulu Mseleku abagubha ukuqeda iminyaka elishumi bengaBafana BakaMgqumeni Isithombe:FACEBOOK
CHARLES KHUZWAYO
IQEMBU elakhiwe yizinsizwa ezingabazala futhi ezavumbululwa wuKhulekani "Mgqumeni" Khumalo, Abafana BakaMgqumeni, ligubha iminyaka elishumi lasungulwa. Emuva kweminyaka uSakhiseni "Skhevane" Mseleku noNelisani "Jez’elikhulu" Mseleku bewa bevuka naleli qembu, babone kungcono kulo nyaka bagubhe nge-albhamu yabo esihloko sithi Iphakade Lami.
UJez’elikhulu uthe lo mlilo wabaswa kusukela ngo-2012. "Abanye babethi umlilo wamaphepha lo, uzocisha. Bazama ukuwucisha kanti bawucisha ngopharafini, wavele wavutha ukuhanguhangu. Zafika nezimvula zahluleka ukuwucisha."
Lezi zinsizwa zasungula iqembu emuva kokudlula emhlabeni kukaMgqumeni owayaziwa ngeleBhova LikaDikadika.
Empeleni baqala ngokuqhuba iqembu likaMgqumeni, Amagcokama futhi bakhipha i-albhamu eyayisihloko sithi Uhlal'ekhweni ngo-2010 nethi i-Overload ngo-2011. Emuva kwalawa ma-albhamu kwabe sekuba nokungahoshelani phakathi kowayehola Amagcokama, uKhangelani "DSD" Mhlongo noJez’elikhulu, wagcina uKhangelani esesungula elakhe, Osaziwayo.
"Sazibiza ngaleli gama ngoba simele igama likaMgqumeni ukuze lingashabalali. Ukuhamba kwabanye abanewethu kwabe sekusala thina begazi leBhova, uJez'elikhulu noSkhevane ngoba asikho esindlebende kwabo."
Sebezimele uSkhevane noJezel'elikhulu babe sebekhipha lama-albhamu: Utalagu (2012), I-Fitting Room (2013), I-Breakdown (2014), (Amagcokama) I-Yellow Bone (2015), Injomane Yami namanye.
Abafana BakaMgqumeni sebezihlabanele ngezindondo eziyisishiyagalolunye okubalwa kuzo neyeBest Maskandi Album kumaSama Awards neyeBest Traditional Artist kumaSama ngo-2019. Babuye baklonyeliswa ngeGold Disc ngokudayisa anakhophi angaphezu kuka-16 000 nge-albhamu ethi 6 to 6. Leli qembu selibuya komela iNingizimu Afrika kwiSoccer World Cup eRussia nasemcimbini owawuseSeychelles ngo-2018. Kubaculi esebeke basebenze nabo kubalwa Ihhashi Elimhlophe, Mampintsha, Fifi Cooper, Big Zulu, Phusekhemisi, Mjikijelwa, Ali Mgube, Mfiliseni Magubane, Jaiva Zimnike nabanye.
"Sibonga uNkulunkulu, amadlozi nabalandeli ngoba kulo nyaka sigubha iminyaka eyilishumi siyiqembu, Abafana BakaMgqumeni. Sicela Wonke umuntu asixhase ngokuthenga leli cwecwe esibungaza ngalo ishumi leminyaka. Lokhu kungumlando kithi nakubathandi bomculo wesintu imbala. Singabantwana basendlunkulu yomaskandi sithi siyabonga kuwo wonke amabamba bukhosi bukamaskandi ngokubambela umntwana uJez'ekhulu Mseleku esemncane. Usekhulile manje, sesicela okukaKhesari kubuyele kuKhesari. Akaze ube yinkosi ungeyena owasebukhosini. Siyazi-ke ukuthi ibamba bukhosi uma selehliswa esihlalweni lilwela ukufa nokuphila sikulindele lokho." UJez'elikhulu uthe isibongo sakwaMseleku yisona esibusiswe ngekhono lomculo njengoba kukhona izingwazi ezinjengoBheki Mseleku, Wendy Mseleku, uMahawukela "Igcokama" Mseleku, Mgqumeni noNhlanhla.
"Manje sikhuluma ngoJez'elikhulu noSkhevane Mseleku. Okucacisa bha ukuthi isibongo somculo lesi," kuphetha uJez'elikhulu.