Ezokungcebeleka Umculo

UQhosha ususe umsindo ecula ngemiphambili

Charles Khuzwayo|Published

UQHOSHANGOKWENZAKWAKHE ukhiphe izingoma eseziqalile ukwamukelwa ngenhlokomo Isithombe:FACEBOOK

INGOMA entsha yesihlabani sikamaskandi, uQhoshangokwenzakwakhe "Qhosha" Sibisi, seyisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana.

Le ngoma, esihloko sithi Amageja Awalingani, ikhuluma ngokungalingani kwemiphambili. Kuleli culo babuza ukuthi kwenziwa yini abantu besifazane bawaxolele kalula amadoda uma ephingile kodwa wona awabaxoleli. Impendulo kaQhosha ithi yingoba imiphambili ayilingani, kunabanemikhulu nabanobala.

UQhosha uthi le ngoma seyisuse imvunge emadodeni ngoba asemsola ngokuba wumdayisi. Uthe inhlosongqangi ngale ngoma ukuba lolu daba ludingidwe ngoba abesifazane bahlale bekhala.

Ukhuluma kanjena nje uQhosha kuke kwasuka umsindo ngesikhathi kuzwakala izindaba zokuthi abantu besifazane sebezovunyelwa nabo ukuthatha isithembu. Amadoda amaningi athwala izandla ekhanda, efunga egomela ukuthi ilanga lingawa licoshwe yizinkukhu uma uhulumeni engagunyaza lowo mthetho. UQhosha uthe yena njengomculi ubone kufanele acule ngezihloko ezithinta umphakathi ngenhloso yokuba kudingidwe ngazo ukuze kuqhanyukwe nesisombululo.

"Isizathu esenza indoda ingamxoleli umkayo uma ephingile yingoba anesikhwele. Iningi lamadoda lisuke licabanga ukuthi amakhosikazi awabhangqa namashende asuke enemiphambili emikhulu kuneyawo. Lokho kwenza indoda igcine seyizenyeza ngobuntu bayo," kusho uQhosha ozoze akhiphe i-albhamu ephelele ngonyaka ozayo.

Empeleni ukhiphe imicu emibili eshisa izikhotha okubalwa kuyo wona lo othi Amageja Awalingani nomunye othi Dololo. Abantu akade behambela imikhankaso yamaqembu epolitiki nemicimbi yomasipala abayivali imilomo. Abanye sebeze balibeka ngembaba elokuthi ingoma engase imele umculo kamaskandi kwiTop 10 ingaphuma phakathi kwala manoni kaQhosha. UQhosha usevamisile ukukhipha izingoma ezigcina sezigidelwa emakhaya. Uzokhunjulwa ngeyayithi Yamnamathela, nenye ethi e nethi Osozimali. Useke wahlabana kwaze kwakabili kumaSABC Crown Gospel Awards ngeBest Gospel Maskandi nakumaSatma Awards ngenxa yabo ubumnandi bazo.