UMCULI kamaskandi uDlubheke usethathe isinqumo sokuduba uhlelo lukamaskandi uSgiya Ngengoma kuKhozi FM, athi akafuni kuphinde kudlalwe umculo wakhe kulona ngoba abasakazi balo bayenzelela.
Lokhu uthe ukwenziswa ukuthi bashaye ngesithende ingoma yakhe entsha ethi Ingqongqo. Bayishiye ngesikhathi kudlalwa izingoma ezintsha ohlelweni ngoDisemba nyakenye.
Uthe abasakazi balolu hlelo badlala izingoma zabangani babo kuphela, futhi baguqule nemigomo abebezibekele yona ngokudlalwa kwezingoma ukuze badlale ezabangani. “Kusuka ngo-Okthoba kuya kuNovemba nyakenye bekumenyezelwa kulolu hlelo ukuthi ngoDisemba kuzodlalwa izingoma eziphume ngoNovemba kuphela ohlelweni. Eyami ingenye yazo njengoba iphume ngoNovemba. Bathe eziphume ngoDisemba zizoqala ukudlalwa ngoJanuwari. Okungixakile ukuthi abasakazi bakushintshile lokho futhi sangatshelwa. Sizwe ngoDisemba sekudlalwa izingoma eziphume ngawo uDisemba, ezethu eziphume ngoNovemba zashiywa,” kusho uDlubheke.
Uthe lokho kwenze kwamcacela ukuthi kukhethwa izingoma zabangani ngoba akukho okuchaziwe ngokuguqulwa kwalo mgomo.
Uthe okunye obekumenyezelwe kulolu hlelo wukuthi, ngeke omaskanda besaba nengxoxo ekhethekile nabasakazi ohlelweni kuze kube u-2019. Uthe bamangele sebezwa kunabaculi abasemoyeni bezomaketha umculo wabo, futhi abanezingoma eziphume ngoDisemba. Uthe uzoba nomhlangano nabaphathi benkampani angaphansi kwayo Ukhozi Media ngoJanuwari 12, lapho bezobhala khona nencwadi abazoyithumelela abaphathi boKhozi FM ebachazela ngesinqumo sakhe nokuthi kuzokwenzekani uma lo msakazo uphinda udlala umculo wakhe.
Uqhube wathi akukho lapho ezolimala kukhona ngesinqumo sakhe ngoba vele umculo wakhe awudlalwa kuSgiya Ngengoma.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe akukho okwenzeka ohlelweni iSgiya Ngengoma okuphambene nobekushiwo kulona.
“Ikhona ingoma kaDlubheke edlalwe ngoNovemba 23 wonyaka odlule ohlelweni ethi Kwazondimbuka. Akukaze kushiwo ukuthi izingoma eziphume ngoDisemba zizodlalwa ngoJanuwari. Nezingxoxo ebezenziwa nabaculi ohlelweni bekungezezinto ezintsha ezenzeka kubaculi ngaleso sikhathi nokukhuluma ngemicimbi,” kusho uNeo.