ISILOMO somculo womdanso uLady Zamar siqinisekise ukuthandana kwaso nomculi, uSjava okwavela amahlebezi okuthi bayajola kodwa wathi sebehlukene.
Laba bobabili bawachitha amahlebezi okuthandana kwabo njengoba ngempelasonto kuqinisekisiwe ukuthi bayathandana.
USjava ufake izithombe ezimbili kwiTwitter zakhe noLady Zamar kwesinye emqabula isihlathi, kwesinye bemi ndawonye.
Ezithombeni ezifakwe uSjava ufake inhliziyo.
ULady Zamar ube ngomunye wabaphawulile waqinisekisa ukujola kwabo.
“Yebo, sijolile kusukela ngoJuni 2017 futhi sahlukana ngoMashi 2019. Yilokho kuphela ukuze nonke nizoyeka ukuba nemibuzo,” kubhala uLady Zamar.
Phambilini ngesikhathi bebuzwa bakuphika ukuthi bayathandana.
“Yebo, waphika kwabezindaba kodwa yingoba sasifuna kube yinto yangasese. Kuvelile ke manje, okubi wukuthi kuvele ngale ndlela,” kusho uLady Zamar ocele ukungakhulunyiswa.
Imizamo yokubathola bobabili izolo iphunzile, ucingo lukaSjava belungangeni. OlukaLady Zamar lona belukhala kodwa lungabanjwa.
Uveze ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi uqopha i-video yengoba yakhe entsha ethi, This Is Love.