Ezokungcebeleka

Umculi uhlela ukwenza iDVD

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI wowokholo uMalusi Mbokazi ulungiselela ukuqopha iDVD yakhe Isithombe: SITHUNYELWE

UMCULI wowokholo uMalusi Mbokazi ubonga abamqashayo nathi bayamsiza ukuhlanganisa imali yokwenza umcimbi wokuqopha iDVD awuhlelayo.

UMalusi, owaqala ukugqama ecula eqenjini Abanqobi ngaphambi kokuzimela ngo-2015, ufuna ukuqopha iDVD bukhoma.

Uzobe engaqali ukuqopha bukhoma njengoba ngesikhathi eqala ukuzimela wakhipha iDVD ne-albhamu ethi Ngisize Nkosi Live at Durban Playhouse.

“Abantu bayangiqasha nokuyinto engisiza kakhulu ngoba ngiyaqongelela ukuze ngikhokhele izinto,” kusho uMalusi ohlele ukuqopha eThe Station Urban, eDurban Station, ngoSepthemba 10.

“Ngingalujabulela kodwa uxhaso. Angimuhle ngasemalini kodwa ngiyafisa ukuthi lento yenzeke futhi ibe yinhle. Uma zikhona izinkampani ezingaxhasa ngiyazicelela zingixhase. Osomabhizinisi abakhona nabo ngiyabacela beze.”

Uthe yize sehla isibalo sabathenga amaDVD kodwa isekhona imakethe yawo.

“Ayisekho kahle kodwa abantu basawathenga. NamaCD bakhona abasawathenga. Siyabonga kodwa ngezinkundla ezifana noYouTube ezenza ukuthi umculo wethu ufike lapho singazi khona nakubantu esasingacabangi ukuthi siyofika kubo. AmaCD uwadayisa eduze kwakho kuphela. Ngiyaqhubeka nokuqopha ngoba futhi nginekhasi leYouTube iMalusi Mbokazi TV lapho engizophinde ngiyifake nakhona,” kuchaza uMalusi.

Lo mculi okhiphe i-albhamu ethi The Revelation ngonyaka odlule, uthe uma eseqopha kuzoba wubusuku bendumiso.

“Sizodumisa ngoba siqhamuka esikhathini esinzima abaningi balimele ngenxa yeCovid-19. Siyadinga ukuthi sidumise ukuthi kukho konke okwenzekile kodwa uNkulunkulu ukhona. Kuningi engikuhlelile okuzomangaza abantu nabanye ozakwethu engingeke ngibasho okwamanje.”