Ezokungcebeleka

Umculi uchitha eyokuba yilungu leMK

Fanelesibonge Bengu|Published

Umculi uLira uchitha imibiko yokuthi uyilungu leqembu Umkhonto Wesizwe Isithombe: Instagram

Umzwilili uLira uchitha imibiko yokuba yilungu leqembu, Umkhonto Wesizwe (MK), futhi uthi usabheka izinyathelo zomthetho angazithatha.

ULira ukusho lokhu ngemuva kokuthi kufakwe i-video yowesifazane obukeka njengaye ethi uzovotela Umkhonto Wesizwe. Ngasekupheleni kwe-video kubhalwa igama likaLondiwe Ngcamu okungaziwa noma ngelakhe yini lona wesifazane.

U-@Mokwala_Dimpho ufake le video ku-X wathi uLira uyilungu leqembu.

Abanye bebebuza ukuthi uLira wakuphi ofakiwe.

Lo mculi ufake isithombe salo mbhalo emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana ngoLwesithathu lapho eqinisekise khona ukuthi akukho okumhlanganisa neMK.

Uthe uyazihlangula kuyo futhi akalona ilungu layo.

"Ingamampunge imiyalezo esho njalo futhi ngibheka izinyathelo zomthetho engingazithatha mayelana nokusetshenziswa kwesithombe negama lami ngokungemthetho," kubhala uLira.

ULira ulungiselela ukucula bukhoma okokuqala ekhonsathini ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi esaphazamisa ukukhuluma kwakhe eminyakeni emibili eyedlule.

Uzocula KwiVassline Fest eConstitution Hill ngoMeyi 25.