ITHUKUTHELE iyaveva inyanga elapha umculi wekwaito, uNomasonto ‘Mshoza’ Maswanganyi, kulandela ukuphumela kwakhe eshashalazini ezinkundleni zokuxhumana wathi useyathwasa.
UMshoza uveze isithombe esinento esaladi elikhanyise izinhlobonhlobo zamakhandlela kwase kuba nogologo, isethi yetiye nabanye oncamnce maqede wafaka umbhalo ohamba kanje: “Yebo bengingakholelwa kulokhu kodwa sekungificile...yebo ngiyathwasa...yebo ngiyakholelwa kakhulu kuNkulunkulu, ngayo yonke indlela ngiyakhululeka...Thokoza gogo👏👏👏 bhala mabhalane-ke .... Akulivimbi iqiniso lokuthi ngiyisidalwa sikaNkulunkulu😊...”
Isolezwe NgeSonto libe yiphephandaba lokuqala ukubika ngokwelashwa kukaMshoza ngumthandazi waseMevamhlophe, eMpangeni, uThulani ‘Dr 3 Seconds’ Nkwanyana ngemuva kokuncinzwa indlebe yimithombo ekule ndawo.
UDr 3 Seconds uthe simdinile isenzo sikaMshoza sokuveza isithombe nokutshela abantu ukuthi uyethwasa ngoba izinto ezenzeka edlozini azivezelwa umphakathi.
“Ziyimfihlo futhi ziyahlonishwa, awuzigqamisi ngazo. Nani njengephephandaba nenza iphutha nje ngokushicilela izithombe ezingiveza ngelapha uMshoza. Niphazamisa umsebenzi wami.
“Ungabukwa ngokunye kodwa hhayi ngento ethinta idlozi, akuyona imfashini lena kodwa yinkolo ehlonishwayo. Mina ngala ngiyaphika ukuthi ngiyamelapha, ngale yena uvezela abantu izimfihlo zedlozi. Ngishaqekile impela sengimbona eveza iladi. Noma ngabe ubejabule kangakanani ngesengimenzele khona kodwa besingekho isidingo sokubukisa ngakho kungakaphothulwa wonke umsebenzi,” kusho uDr 3 Seconds owaze wahlonishwa nangeziqu zobudokotela ngenxa yamagalelo akhe ekwelapheni futhi owayengumpetha wesibhakela ehlonishwa umhlaba wonke.
UDr 3 Seconds uthe lokhu kuphazamisa umsebenzi wakhe futhi kumenza abukeke njengomuntu onamanga emphakathini njengoba ebemphika.
“Nakho nje ukuthi amemezele ukuthi uyethwasa kungimangazile ngoba usadla amagobongo, kuzocaca esewaphothulile amagobongo ukuthi ungena ekuthwaseni noma cha. Kuyenzeka udle amagobongo kodwa ugcine ungathwasanga.”
UDr 3 Seconds uthe usazohlala phansi nalo mculi amcushise ngokuthi uziphatha kanjani uma wenza izinto zedlozi.
Esephetha ukugxekile ukunakwa kosaziwayo uma bevakashele abelaphi bendabuko ekubeni kungagqanyiswa uma belashwa odokotela basentshonalanga.
Ethintwa uMshoza, oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngomucu othi AyinaChorus, uvele wabhoka ngolaka wathi “Angithi uvele wabhala okuthandwa nguwe ngami, namanje xhumana nemenenja yami,” maqede wavala ucingo.
Oseyimenenja kaMshoza, uKeke Mokoena, kuthe angezwa ukuthi ubuzwa ngoMshoza nokuphumela kwakhe obala ngokuthi uyethwasa wavele wavala ucingo.
Ngokwethwasa uMshoza uhamba ezinyathelweni zabanye osaziwayo okubalwa kubo oKelly Khumalo, Nomkelemane Langa, Mroza, Lerato Mvelase, Baby Cele, Mangaliso Ngema, Boity Thulo, L’vovo, Ngizwe Mchunu, Mandla Magwaza, Bheka Mchunu nabanye abaningi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bahlukane phakathi ngokuthwasa kukaMshoza.
Yize iningi limncoma kakhulu ngokukhombisa ukuthi akakawalahli amasiko kodwa abanye bamgxekile bathi akusadlisi ukuthwasa.
Lo mculi, owaduma ngengoma ethi Kortes nethi Abantu Bami, usanda kuxabana nomyeni wakhe ongusomabhizinisi waseBergville, uMnuz Thuthukani Mvula, ngemuva kokutholakala kokuthi ubembhangqe nephoyisa kanti nasemculweni bekungasamhambeli kahle.