UZIZWA engaphephile umculi kamaskandi obekulindeleke ukuthi anandise emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu entsha ngoMgqibelo odlule e- Workshop, eThekwini.
UMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele obekulindeleke ukuthi athule i-albhamu ngeledlule, ujabhise abalandeli bakhe ebebephume ngobuningi belindele ukumbona enandisa esiteji.
IGcokama lishiye abantu bedidekile ngemuva kokuthi imoto abelikuyo ime isikhashana emgwaqweni uDr BA Xuma maqede yasuka yangabe isabuyela kubalandeli abebelilindile.
Echaza ngokumehlele, utshele intatheli yeSolezwe ngeSonto ukuthi ngemuva kokubona amadoda abehlomile ehlezi ezithendeni zabo, uphoqeleke ukuthi athathe isinqumo sokunganandisi.
Uthe amadoda abehlome ngezibhamu amlandele ngesikhathi esesikhumulweni sezindiza, eVirginia Airport eDurban North.
Ubesanda kwehliswa yindiza enophephela emhlane abonakala kuyo ngesikhathi eyobingelela abalandeli bakhe eWorkshop.
"Bengiyongena emotweni ebizongehlisa eWorkshop kubalandeli bami ngesikhathi ngehla esikhumulweni sezindiza. Laba bantu engikutshela ngabo babephethe izinhlokohlela zezibhamu, behamba ngezimoto eziningi. Kukhonjwane ngezibhamu khona lapho phakathi kwabo nabaqaphi bami. Sase siphuthuma emotweni ngenhloso yokuqhela kule ndawo. Izimoto zisijahe saze safika kwelinye lamahhotela agudle ulwandle eThekwini, eLangeni," kusho iGcokama Elisha.
Liqhuba lithe amaphoyisa atheleke ngobuningi ezoqapha isimo ebesimanzonzo njengoba amadoda abebalandela ngezimoto abengakhombisi nhlobo ukuhlehla.
"Mina ngifika eWorkshop nje ngihamba namaphoyisa omgwaqo ngenxa yesimo ebesinzima. Nakhona kuthe uma abalandeli begcwala umgwaqo ngoba bebona mina, amaphoyisa angibonisa ukuthi angingabe ngisangena esiteji. Akusho lokhu ngoba ebona ukuthi angiphephile nhlobo njengoba siqale sajahwa ngezibhamu," kubeka umculi.
Uthe usola ukuthi abahleli beNgoma kaZwelonke bebezitshela ukuthi uzokona umcimbi wabo obusePeople’s Park njengoba naye ebehlele owakhe ngosuku olulodwa.
Uthe njengoba ebehamba nonogada bese bezwile ukuthi abahleli bomcimbi bangase bamhlasele.
"Engikuthanda kakhulu ngabalandeli bami wukuthi bayasiqonda isimo ebengibhekene naso futhi bayazwelana kakhulu nami njengoba ngehlelwe yilo mshophi," kubeka iGcokama.
Umculi uveze ukuthi udaba uludlulisele kubameli bakhe.
Ethintwa ummeli, uManaileng Maphike ukuqinisekisile ukuthi lufikile loludaba ezindlebeni zabo.
Uthe baphezulu komnyakazo wokuthatha izinyathelo zomthetho.
"Okwamanje asikakwazi ukwanda kakhulu ngalolu daba kodwa sizoxhumana nabezindaba uma sekushaye isikhathi sokuthi siludingide nabo," kusho uManaileng.
Umhleli weNgoma kaZwelonke, uXolani Mcineka, uthe akanalo ulwazi ngesigameko futhi yena wubematasa emcimbini weNgoma kaZwelonke.
"Angifisi ukungena ezinkingeni zakhe (iGcokama Elisha) futhi angihlangene nazo. Njengoba ngiphendula ucingo lwakho bengizitshela ukuthi sizokhuluma ngesasasa eligqame emcimbini ebesiwuhlelile," kusho uMcineka.