UFUNA ukubahlaba umxhwele abantu base-United States of America ukuze bezohlala bembiza njalo umculi osemncane uLasandra Majola.
ULasandra (15) ufulathele iNingizimu Afrika ngoLwesithathu walibhekisa eNew York lapho eyonandisa khona.
Umenywe endaweni yobumnandi iFeinstein’s/54 Below ehambisana nebhendi yakhe iKwini Kuza ebunjwe ngamalungu amane aneminyaka ephakathi kuka-13 no-15.
Ngaphandle kwale ndawo uzodlala nakwezinye ezine ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
“ULasandra akabhekile ukuzakhela igama kuleli kuphela kodwa unamaphupho okwaziwa umhlaba wonke,” kusho umphathi wakhe uMdu Ngcobo weTouch Africa Records.
UMdu uthe lo mculi ujabule kakhulu ngethuba alitholile nokuyingakho efuna ukulisebenzisa ngendlela yikhona ezolokhu ephuma engena phesheya.
“Nathi siyamsiza ukufeza amaphupho akhe ngoba ngo-Okthoba nje uzoya konandisa e-United Kingdom,” kuchaza uNgcobo.
Lo mculi uzakhele udumo ngokucula izingoma zabanye abaculi njengezikaBrenda Fassie, Whitney Houston nezinye.
Muva nje ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ethi Umakoti asebenze kuyo noLinda Gcwensa.
“Zikhona ezinye izingoma asezenzile njengethi Amaphutha ayibhalelwe wuNaima Kay futhi ampikile, Mama nethi Imbali.
“Uma ebuya siqopha i-video kaMakoti bese sikhipha enye ingoma ngaphambi kokuphela konyaka.
“Ngonyaka ozayo ngoMashi sizobe sesikhipha i-albhamu yakhe iSweet 16 njengoba naye ezobe ehlanganisa iminyaka engu-16.”