U-DJ Tira useveze ukuthi ayikho enye indlela abona ukuthi ubengagubha ngayo ngayo inyanga yabesifazane kunokubahlanganisa ngomcimbi oqukethe abaculi besifazane abanohlonze.
Abaculi okukhona kubo uBusiswa, DJ Zinhle, Le Soul, Hlengiwe Mhlaba no-Amanda Black bazonandisa emcimbini wokuqala iSisters with Soul ozoba ngo-Agasti 30 eBotanic Gardens eThekwini.
UTira uthe ukwenza umcimbi kungezinye zezindlela zokusiza abesifazane abakwezikaqedisizungu baqhubeke baphakamise igama labo.
“Emhlabeni ngafunga ukuthi ngifuna ukuthuthukisa abantu nganoma iyiphi indlela ngakho kulo nyaka ngibonile ukuthi angenze umcimbi ofana nalona ngenyanga yabesifazane, okujabulisa kakhulu wukuthi kuwona kukhona owesifazane ozothola ithuba lokucula no-Amanda Black njengoba bebelokhu benxuswa abesifazane abathanda ukucula ukuthi bathumele ama-video abo becula,” kusho uTira.
Uthe lokhu kungavulela owesifazane owinile ithuba elikhulu endimeni yomculo okuyinto athanda ukuyenza okuwukusiza abantu.
“Ngiyafisa ukuthi lo mcimbi uthuthuke ube khona minyaka yonke kodwa konke kuzocaciswa yindlela abantu abazokhombisa ukuwuthanda ngayo. Ukuxhaswa yizinkampani ezehlukene kungasisiza kakhulu ekutheni ubekhona njalo ngonyaka,” kuchaza uTira.
Uthe amathikithi omcimbi asekhona eComputicket ngoR150 noR350.
UTira uthe kulo mcimbi okungowomndeni wonke amasango azovulwa ngo-12 emini umcimbi uqale ngo-2 ntambama.