USEKHATHELE abantu abalokhu bemchukuluza ngezinduna ebusweni, bemgxeka nangendlela akhuluma ngayo isiNgisi umculi wodumo lwe-Afro house, uLady Zamar.
Uthi okubuhlungu kakhulu abesifazane abenza lokhu nabo banezingane okungenzeka zibe nenkinga yesikhumba.
ULady Zamar ukhuluma kanjena nje kukhona i-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, okusolakala ukuthi uBabes Wodumo nabangani bakhe bemyoca ngezinduna ebusweni, bemthuka bembiza nangomjendevu omubi, baphinde banezelele ngegama okubizwa ngalo owesifazane ongaziphethe kahle, isi%#be.
Lezi zinhlamba zisukela ngesikhathi uLady Zamar eyijaji losuku kuhlungelwa umncintiswano osakazwa kuMzansi Magic, i-Idols SA.
“UBabes angimazi, nombono wakhe ngami awuthi shu...ngeke ngidinwe wuyena. Indlela akhuluma ngayo ichaza uhlobo lomuntu awuyena. Amazwi awaphimisayo, asho ubuyena,” kusho uLady Zamar.
Mayelana nabanye abantu abamgxekayo, uthe okubuhlungu wukuthi ngabesifazane abenza lokhu.
“Mina angiyena ungoti wesikhumba futhi angiyena unobuhle. Kungani abantu begxila esikhunjeni sami engabe banaka umculo engiwenzayo?
“Maningi amantombazane anenkinga yezinduna, kumele engabe abantu banaka ukuthi ngizogcina ngiyixazulula kanjani le nkinga yami yezinduna hhayi ukuthi bayiphendule inhlekisa,” usho kanje.
Njengoba lokhu kugxekwa kuqhamuke ngemuva kokuvela kwakhe kuma-Idols, uLady Zamar uthi abantu kumele baqonde ukuthi ama-Idols akuwona umdlalo kulezi zingane ezisuke ziyozama inhlanhla.
“Uhlobo lomuntu engiwuyena, ngeke ngiye kuthelevishini ngiyele ukuyojivaza izingane. Zinamaphupho ajulile. Uma zikhala yingoba kusuke kubuhlungu ngoba ama-Idols yinto ebalulekile kuzona.
“Ngeke ngihlekise ngazo kodwa njengomculi, umsebenzi wami bekuwukuthi ngibheke ukuthi umuntu ozozama inhlanhla unalo yini ikhono.”
Lo mculi selokhu angena kule mboni akaphatheki kahle njengoba ehlale egxekwa.
Uke wangcofwa ngokuhluleka wukugqoka into efanele umzimba wakhe, kwahlekiswa ngaye nasezinkundleni zokuxhumana.
ULady Zamar uthi empeleni kumele engabe abesifazane bayasekana.
“Kunezinto eziningi okumele engabe silwa nazo singabesifazane, singagxili ekugxekaneni sisodwa.
“Kumele engabe siqinisa ekufundiseni amadoda ukuthi asiphathe kanjani, ayeke umkhuba wokusifuna ucansi uma kumele senzelwe okuthile.
“Kumele engabe sigxile ekushintsheni indlela umuntu wesifazane abukwa ngayo emphakathini, sifundise nezingane zamantombazane ukuthi kumele ziyibheke kanjani impilo ukuze kushintshe indlela owesifazane aphathwa ngayo,” egcizelela.
Mayelana nendlela akhuluma ngayo isiNgisi, nayo agxekwa ngayo, uLady Zamar uthi abantu abamgxekayo yingoba abamazi, abazi ukuthi ukhuliswe kanjani emndenini onjani.
“Ngikhule ekhaya kukhulunywa isiNgisi. Ngiyazama manje ukukhuluma izilimi zesintu.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBabes Wodumo mayelana ne-video, igcine iphunzile njengoba ucingo belubanjwa bese lubekwa phansi.