SEKUZOZWAKALA kuphela abaculi abanamaphakethe aqumbile, bekhuluma ngomculo wabo emsakazweni Ukhozi FM. Ofuna ukuphusha umculo noma icwecwe lakhe, usezoshaya iphakethe, kungenjalo abalandeli bakhe uyobagcina ezinkundleni zokuxhumana.
Leli phephandaba lithole ngomthombo ongaphakathi kulo msakazo ukuthi akusekho mculi ozokwazi ukuchaziswa nge-albhamu noma ngomculo wakhe engakhokhanga.
Kuthiwa sekuphothulwe konke ngalolu hlelo njengoba inani lizoya ngokuthi uzokhuluma kuluphi uhlelo.
Uma uzokhuluma ohlelweni olunabalaleli abaningi njengolwantambama olushayelwa wuMzokoloko noMroza, nolwasekuseni olushayelwa wuTshatha noNongcebo, umculi uzokhokha imali eshisiwe kuye nangemizuzu ozoyikhuluma.
“Abaculi bazozisholo bona ukuthi bafuna ukungena kuluphi uhlelo manje ngemali yabo. Nabasafufusa bazokhokha kodwa kuzoya ngokuthi bafuna ukuzwakala kuluphi uhlelo.
“Nendaba yengoma edlalwa kakhulu kunezinye seyiqediwe,” kusho umthombo wesibili.
Okhulumela iSABC, uVuyo Mthembu, uthe inqubomgomo yeziteshi ezingaphansi kukaSABC iyakuvumela ukuthi umculi azokhuluma mahhala nabalandeli bakhe kodwa ikhona imali esizokhokhwa yizinkampani zabaculi nophromotha uma befuna ukuzokhangisa ngabaculi babo.
“Lokhu bazokwenza njengezinkampani ezisuke zifuna ukukhangisa imikhiqizo yazo,” kuphetha uVuyo.
USihlalo wenhlangano yamaciko, KwaZulu-Natal, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA), uThokozani ‘T’zozo’ Zulu, uthe lokhu akwehli kahle kubona njengamaciko ngoba uKhozi FM baluthathisa okwabantu ababambisene nabo.
“Ngisho ngoba uma singathi siyenqaba ukuba umculo wethu udlalwe oKhozini, nakulo ngeke kube mnandi.”
Uthe bazohlangana namanye amaciko ukuze baludingide lolu daba ngaphambi kokuthatha isinqumo esingujuqu.
NoSihlalo weCreative Workers Union of SA (Cwusa), KwaZulu-Natal, uHoward Msomi, uthe lokhu kuzolimaza kakhulu abaculi ababencishwe amathuba phambilini.
UMsomi uthe lesi sinqumo sidinga ukuthi kuhlalwe phansi namaciko ukuze sidingidwe kabanzi ngaphambi kokuba kugcine kube wumgomo. Umholi weqembu likamaskandi, Izingane Zoma, uThandoluni Phungula, uthe kuzofanele kuhlalwe phansi namaciko ngaphambi kokuba abaphathi boKhozi bafinyelele kulesi sinqumo.
Umrepha uFifi Cooper nomculi wokholo, uBetusile Mcinga, bathe lesi sinqumo sizolimaza kakhulu abaculi abasafufusa ngoba ngeke babe nayo imali yokukhokha. “Ngicabanga ukuthi kufanele kuqhanyukwe nenye indlela yokuqongelela imali ngoba le abeza nayo, ayizolunga,” kusho uFifi Cooper.
Kuvela ukuthi le yindlela lo msakazo ozama ngayo ukwenyusa inzuzo njengoba kubheda uhlelo lwezezimali enhlanganweni yezokusakaza jikelele.