ZIMAPEKETWANE izinto kwiVuma FM emuva kokuvela ukuthi umbango wezikhundla ushisa phansi.
Kuthiwa umbango sewuze waholela ekutheni kumiswe umsakazi uVictor Rose Jnr.
Umthombo uthe umphathi wezinhlelo uPatrick Bogatsu usejutshwe ukuthi abambe amasonto amabili kwiVuma bese amanye amabili awasebenze kwiRise FM eMpumalanga. IVuma FM neRise FM okwandawonye.
“Uma uPatrick engekho kubamba uLekomotion, uMakhosi Khoza noVusi Letsoalo.
Uthe ngemuva kokuhamba kukaNtobeko Mabika, okungacaci ukuthi waxoshwa noma wazihambela, kwafakwa uVictor Rose Jnr esikhaleni sakhe. UNtobeko wayengena ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto.
“UVictor kuthiwe akangene aze ayivale ngoMgqibelo enze uhlelo luka-10 kuya ku-2. Lolu lwangeSonto kwathiwa akaluyeke. NgeSonto ubengangeni kwangaba khona muntu emoyeni. Bekuze kunqamuke kungekho muntu. UPatrick umfonelile emcela ukuthi aphuthume emoyeni ngoba uhlala eduze. Kungenzeka ukuthi wakhohlwa ukufaka umuntu ozobamba.”
Umthombo uqhube wathi uVictor wayephuza nabangani bakhe ngalesi sikhathi ethintwa nguPatrick emcela ukuthi aye emoyeni. Uthe uVictor uye ehamba nabangani bakhe, wangena nabo estudiyo.
“Esinye sezikhulu sithe uma sifika sashutha ivideo sayithumelela kumphathi omkhulu, uPearl Sokhulu, efuna ukukhombisa ukungahleleki kwezinto njengoba umuntu ofakwe emoyeni efike nabangani bephethe utshwala. Ugaxele kanjalo uVictor. Njengamanje uhlelo lwakhe lubanjwe nguLucky Sefatsa.”
Imizamo yokuthola okhulumela isiteshi uTee Van Heerden ayiphumelelanga.