UZIMISELE ngokuvula ihhotela eMlaza usomabhizinisi wokuqala ukuba nendawo yobumnandi esezingeni eliphezulu elokishini, uMax Mqadi.
Ngempelasonto uMengameli Cyril Ramaphosa ubeseMax’s Lifestyle, watshela osomabhizinisi ukuthi ukhathele wukulala enkabeni yeTheku kodwa ufuna ukuthi ngokuzayo alale elokishini.
UMax uthe inkulumo kaRamaphosa ivuselele umbono wakhe wokwakha ihhotela eMlaza ngoba ubevele enezinhlelo kodwa esalinde ukuthi kuphasiswe okuthile ezingeni likamasipala.
“Uma uzokwakha kunezigaba ezahlukene okufanele udlule kuzona, okwamanje ngisazilindile kodwa ngithemba ukuthi umsebenzi wokwakha ihhotela uzoqala ngonyaka ozayo. Ngizokwakha i-boutique hotel ezoba nezinkanyezi ezintathu kuya kwezinhlanu. Ngifuna ukunyusa izinga ngoba sasinehhotela la elokishini elalakhiwe wuThalente Goqo, i-Executive Hotel,” kusho uMax.
Uthe ihhotela lakhe lizoba nendawo yemihlangano nezingqungquthela ezohlala abantu abawu-400 futhi libe nakho konke okuzokwenza izivakashi zihlale ntofontofo.
Ugqugquzele uhulumeni ukuthi useke osomabhizinisi basemalokishini ukuze bakwazi ukubuyisa umnotho badale namathuba omsebenzi.
“Kufanele uma kunezingqungquthela abantu balethwe elokishini futhi uma senginehhotela kufanele abanye bahlale kulo kungagcwali asenkabeni yeTheku kuphela. Inhloso yami wukufukula umnotho waselokishini nokudala amathuba omsebenzi njengoba ngaqala ngeMax’s Lifestyle engiphinde ngayinweba njengoba iVIP isihlala abantu abawu-1 600,” kusho uMax.
Yize uMax aba wumuntu wokuqala eThekwini ukuvula indawo yokujabula esezingeni eliphezulu elokishini kodwa sezandile lezi zindawo njengoba abanye osomabhizinisi bebukela kuye.
“Ngiyajabula ukuthi baningi abalandele ezinyathelweni zami ngiyabagqugquzela ukuthi baqinise ezokuphepha ukuze kufike zonke izinhlanga ezindaweni zabo njengoba kwenzeka eMax’s Lifestyle. Ngifisa osomabhizinisi abasakhula beze nolunye uhlobo lwamabhizinisi ukuze umnotho waselokishini uzokhula kuyo yonke imikhakha, silwe nenkinga yokuntuleka kwamathuba omsebenzi,” kusho uMax.