UMCULI kamaskandi wodumo lwengoma ethi Angisilo Ivukane, uGadla Nxumalo usekhiphe umehlokaboni kaR500 ozotholwa umuntu ozomtholisela ngezimpahla zakhe ezimlahlekele eThekwini, ngoMgqibelo emini.
UGadla uthe lezi zimpahla zimlahlekele etekisini abeyigibele isuka erenki yaseYMCA eThekwini iya eMakethe.
Kulezi zimpahla uthe kukhona izitifiketi zebhizinisi nencwadi emgunyaza ukuthi abe nesibhamu okubhalwe ukuthi Gadlabethithiza Wiseman Nxumalo.
“Konke kusale emotweni. Usisi ebengihleli eduze kwakhe, okungenzeka ukuthi nguye owehle nalezi zimpahla ngephutha, ubeya ematekisini aya eLusikisiki (e-Eastern Cape). Bekune-slip sika- R3200, ipasi, amakhadi asebhange, ukhiye wendlu, izimpahla zokugqoka nobhakha obomvu we-Nike.”
Uthe uma lezi zimpahla zingathathwanga yilo wesifazane abehamba naye, kungenzeka zisale etekisini, zatholwa wumsizi womshayeli noma umshayeli wale wetekisi.
UGadla unxuse noma ngubani othuka elamela lezi zimpahla amthinte ngoba zibalulekile futhi uyazidinga. “Onolwazi ngalezi zimpahla ngicela angithinte ku-073 526 5842,” kuphetha uGadla.