UMCULI kamaskandi osanda kubonaka kwividiyo ebeke inhlwathi esihlalweni semoto yakhe, uthi akazange athwale ukuze acebe.
USgwebosentambo ozwakala kule vidiyo esho ngokwakhe ukuthi uthwele, uthi wayezidlalela ngale nyoka abonakala nayo. Kwividiyo uthi iyona emsizayo ekutheni izinto zimhambele kahle futhi iyona inhlwathi engumnikazi wemali.
Ebuzwa ngayo, uthe wayezidlalela futhi akathwele.
“ Inhlwathi engibonakala nayo ibifile. Yashayiswa yimoto yomunye umuntu engangimlandela. Ngenxa yokuthi yashayiseka phambi kwami ngayithatha ngashutha nayo, ngizidlalela. Angizange ngihambe ngisho nayo kodwa yahamba nowayeyishayisile. Mina angithwele futhi ngiyakusaba ngoba ngike ngizwe kuthiwa akunawo umthelela omuhle. Kumanje nginonkosikazi nezingane futhi ngisazothatha omunye unkosikazi angikwazi ukuthwala ngezinyoka ngoba kuthiwa zibuye zihlukumeze umndeni wakho,” kusho uSgwebosentambo.
Uthe uphila ngokuzizamela, wathi uma kungahlangani angalala engadlile ngoba uyakwesaba ukuthwala. Ne-albhamu yakhe iStaphamnwana athe izophuma ngoJulayi, uthi wayencokola uma ethi ulekelwa yinhlwathi uma eyihlanganisa.