ISILOMO sikamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose sithi akukho Cassper Nyovest wagcwalisa iMoses Mabhida Stadium ingakamumathi phama iBlue Nation.
IBlue Nation, yindlela okubizwa ngayo abalandeli beNdlamlenze kwazise bagqoka izimpahla eziluhlaza okwesibhakabhaka.
Ngemuva kokugcwalisa iFNB Stadiu ngoMgqibelo, umrepha uCassper uthe ngonyaka ozayo uzogcwalisa iMoses Mabhida.“IsiZulu sithi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. Ngeke sithi ngoba nakhu u-Andile Majola wahluleka bese silahla imbeleko,” kusho uKhuzani.
UKHUZANI 'Indlamlenze' Mpungose ngesikhathi enandisa emcimbini kaMaskandi weSolezwe, iNgqwele kaMaskandi nonyaka. Video: NTOZINHLE NKOMO
Uthe ngeke uCassper asuke kude azogcwalisa inkundla yabo bona bengakayigcwalisi. “Singaba lapha thina kodwa asikaze siyigcwalise. Ngimphosela inselelo ngokuthi ngizoyigcwalisa kuqala. Wumdlalo omnandi lona esizowudlala. Ngichazwe yisibindi sakhe ngabona ukuthi nathi singakwenza ngoba uyacula futhi nathi siyacula. Uvalo lubulala abaculi. Sinabaculi abakhulu lapha kodwa abenzi lutho,” kuchaza uKhuzani.
Uthe abalandeli bakhe abacushwa ngoba bayathanda ukuvelela kukho konke abakwenzayo.
“Kade beyifuna le nto yokuthi bashiye umlando omuhle nje bagcwalise inkundla bebodwa. Kuzoba ngokokuqala ukuthi umculi kamaskandi agcwalise inkundla. Ngiyacela noma ngubani onoxhaso ukuba asondele, mina ngivivile. Ngibheke ukuyenza le nto ngenyanga yamaGugu."