UMASKANDA uQhosha weneme ngendlela ingoma yakhe ethi Xa Kumakhaza ethakaselwa ngayo
UMCULI kamaskandi uQhoshangokwenzakwakhe uthe uthathe isinqumo sokuthi akhiphe icwecwe uma kuqala unyaka ukuze ezoba nesikhathi esanele sokumaketha umsebenzi wakhe.

“Ngithathe isinqumo sokuthi ngikhiphe ngoFebhuwari ngoba kungangisebenzeli ukuthi ngikhiphe ngoNovemba noma ngoDisemba. Ingoma ize iqale ukuduma ngonyaka olandelayo bese kuthiwa indala. UFebhuwari sengiwubiza ngoQhosha Feb ngoba yilapho ngikhipha khona futhi i-albhamu ngiyiphusha ngize ngizidelise,” kusho uQhosha.

Lo mculi ubekhuluma naleli phephandaba nge-albhamu yakhe entsha ezophuma ngoFebhuwari 2. Kumanje unengoma ayiphushayo ezoba kuyo le albhamu ethi Xa Kumakhaza.

“Ingoma ekhuluma ngokuthi izithandani azifonelani uma kushisa kodwa zikhumbulana uma kubanda,” kusho yena.

Uthe kule albhamu usebenze nabaculi abahlukene okungoBabo Ngcobo, Thokozani “Somnandi” Langa noJaiva Zimnike.

“UBabo senze ingoma yokholo naye ukuze ngizongenela amaCrown Awards ngoba sebeqalile ukungibhuqa omaskandi bethi abasangiboni khona,” kuchaza yena.

Uthe uhlele ukuthi ngoMashi 2 enze umcimbi omkhulu wokuyethula i-albhamu yakhe ozoba seThekwini.

“Indawo angikakayiqinisekisi kodwa khona uzoba seThekwini. Sizoba nomqhudelwano webhola emini lapho kuzoncintisana khona amaqembu kaFacebook okuyiwo aphusha umculo wethu Abathandi Bakamaskandi, Unqambothi neZingqwele. Inhloso wukuthi sihlanganise abalandeli ngoba yibo abasusa udlame uma kunemicimbi okuqala ngokuba khona ukusongelana. Manje amaqembu azobe exube bonke abalandeli. Ngizobe ngibeke inkomo okuyiyo ezowinwa,” kusho yena.

Uthe lo mcimbi wendlalela okaKhuzani wokugcwalisa iMoses Mabhida Stadium ngoMashi 30.