UMETHULI wezinhlelo osanda kushiya emsakazweni iMetro FM, uMasechaba Ndlovu, ugonyuluke okokuqala mayelana nokudlwengulwa kwakhe uyise ongamzali, nokuba wukudla kwenduku ebudlelwaneni bezothando.
UMasechaba ubekhuluma ngoLwesine ebusuku ohlelweni lukaMac G, iMac G Unleashed, kwiPodcast.
“Ngebhadi ucansi ngaluqala ngobaba owayengangizali. Ngangineminyaka ewu-9 nje vo. Umama wangishiya naye eye eStates (US) ... Izinsuku ezintathu zonke ezitika ngami. Ngifana nomuntu owayevalelwe ucansi izinsuku ezintathu zonke,” kusho uMasechaba.
Uthe kubazali kuyinto ejwayelekile ukucabanga ukuthi yinto efanele ukushiya ingane noyise. Uthe ngemuva kwalesi sehlakalo, ubengasafune lutho olumhlanganisa nento ethi ndoda.
“Into engiyifundile wukuthi le nto yokudlwengulwa, ayihlangene nobulili kodwa ihlangene nomuntu ngamunye ... imayelana nobugebengu nje.
“Yingakho ngingakaze ngiwuthakasele umkhankaso obiza amadoda ngodoti i#MenAreTrash.
“Mina ngidlwenguliwe ... ziningi nezinye izinto ezimbi ezenzekile kimina, wukufa kuphela engingakwazi.”
Le ntokazi yathola okukhulu ukugxekwa ngesikhathi ivele ibhadlaza udaba lukaBabes Wodumo nesoka lakhe uMampintsha.
Waveza bukhoma emoyeni ukuthi uBabes uyafa yisibhaxu sikaMampintsha futhi useke wamephula nomlenze.
Akafunanga ukuphumela obala ngamahlebezi okuthi wakhonjwa indlela yiMetro FM ngengxoxo aba nayo noBabes.
Lo msakazi wagxekwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngoMeyi nyakenye ngokugqugquzela uBabes ukuba agonyuluke ngalokhu kuhlukunyezwa emoyeni. Uthe okumenza aphumele obala ukuthi naye njengomelaphi, kubalulekile ukuhlambuluka ukuze abuqonde ubuhlungu obuziwa ngabanye abantu.
Ubuye wadalula nokuthi yena udlule kokukhulu ukuhlukumezeka kubantu akade ethandana nabo.
“Ngike ngathandana nomuntu obengihlukumeza, ngicabanga ukuthi yilokhu abantu ebebengakuqondi kodwa ngicabanga ukuthi abantu bagcine betholile ngemuva kokubukela iBehind The Story,” kusho uMasechaba.
UMasechaba usanda kushiya kwiMetro FM ngoba esethole amadlelo aluhlaza ohlelweni lwethelevishini iBET, iThe Big Secret, lapho esiza khona abantu asebephumele obala ngezimfihlo zabo.