SELUNOMUNYE umethuli uhlelo iThe Big Secret okubonakala kulona abantu abehlukene bevulela abasondelene nabo isifuba ngezimfihlo zabo abangakaze bazitshele muntu.
Isizini yokuqala yalolu hlelo beyethulwa wuKhanyi Mbau Kuzoqala isizini entsha yesibili esizokwethulwa uMasechaba Ndlovu.
Isizini entsha izoqala ukukhonjiswa ngoMashi 27, ngo-9.30, ebusuku kuChannel (129).
UMasechaba umemezele lezi zindaba ekhasini lakhe ku-Instagram lapho eveze ukuthi ukukhipha iqiniso akulula kodwa kungakuvimbela izinto eziningi ukungasho lutho.
“Sengilinde ngabomvu ukuthi abantu balubone lolu hlelo futhi kube khona abakufundayo. Abangakhohlwa wukulubuka njengoba kukuningi abazokubona,” kusho yena ngamafuphi kwiTwitter.
Kulolu hlelo imindeni kubonakala imangala uma izwa ukuthi elinye ilungu lomndeni lidlule esimeni esinjani ekubeni wona ungazi.
Umethuli wohlelo usiza ngokubahlanganisa futhi kube khona ukulalelana kubona bonke abasuke bekhona ngaleso sikhathi.
Nabakwa-BET baveze ukuthi bakujabulele ukuthi le ntokazi ibe yingxenye yomndeni wabo futhi abangabazi ukuthi izokwenza umsebenzi oncomekayo.
Baphinde banxusa bonke abafuna ukuba yingxenye yalolu hlelo ukuthi baqhubeke nokuthumela izicelo zokuthi bavakashelwe ukuze bazwakale bekhuluma ngezimfihlo zabo zeminyaka.