SEKUVELE ukuthi uzohamba ngokufa kuZalo, uZandile MaNzuza Mdletshe olingiswa nguLeleti Khumalo osekwaqinisekiswa ukuthi uyashiya kulo mdlalo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba uMaNzuza uzoshona bese enzelwa umngcwabo omkhulu.
“Njengamanje kunezinhlelo zokuthi kubuyiswe abalingisi bakudala abazothamela umngcwabo,” kusho umthombo.
UMpumelelo Bhulose owayedlala indawo kaGxabhashe noBonga Dlamini owayenguMkhonto bathe abakathintwa. UBhulose uthe akuthintwe abadidiyeli.
Akucaci ukuthi uzofa kanjani kodwa kulezi zinsuku uzama ukusondelana kakhulu no-Advocate Bheki Zulu (Luthuli Dlamini) ababenobudlelwano bezothando naye kudala.
Ubudlelwano bukaMaNzuza noZulu buzoba yindaba esematheni KwaMashu kanti kuzomhlukumeza kakhulu uMfundisi Mdletshe (Glen Gabela) ukubhidlika komshado wakhe.
UMdletshe usazothwala kanzima njengoba kunemizamo yokumketula esontweni kodwa uzolwa.
Umbango wesonto uzomenza asondelane noMaMlambo (Gugu Gumede) abake baba nobudlelwano naye phambilini.
Umqondisi woZalo uMmamitse Thibedi uthe abalingisi ababuyayo yinto abafuna imangaze ababukeli futhi ngeke baze bayidedele imininingwane okwamanje.
Izolo abasebenzi balo mdlalo babuyele emsebenzini bezoqala ukuqopha isizini yesine ngemuva kokuhlaba ikhefu.
UMmamitse uthe konke kuhamba kahle lapho kuqoshwa khona.
“Abalingisi bangasibona sakha kabusha imindeni futhi sipholisa amanxeba amadala. Kule sizini kuzo-bonakala kudlo-ndlobala umbango phakathi kwezelamani. Omunye ugxile ebugebengwini kanti omunye usebenzisa isonto ukulwa izimpi zakhe,” kusho uMmamitse.
Ngokuthola kweSolezwe umbango uzoba phakathi kukaQhabanga (Siyabonga Shibe) ozoba mningi esontweni noNkunzi (Masoja Msiza).