MBALI KHANYILE
UMREPHA waKwaMashu uDuncan Mbambo, ujabule enqoba emkhakheni weBest Use of KZN in a Music Video kumaSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, ngengoma ahambisana kuyo neThee Legacy ethi Sikelela.
Uthe ubengalindele ukuwina njengoba ebeqhathwe nezinkakha emkhakheni yomibili abeqokwe kuyona noDJ Tira ehambisana noJoocy.
“Ngimangele ngempela ngoba bengiqhathwe nezinkunzi kodwa kuyangijabulisa kakhulu ukuthi iSikelela iqokwe njengengoma evelele njengoba kuke kwaba nezinxushunxushu nesinye seziteshi esaqale sanqaba ukuyidlala ngenxa yomyalezo oqukethwe kuyona,” kubeka lo mculi.
Uthe isifiso sakhe wukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazigqaje ngomculo wakuleli, behlise kwezase-USA ngoba zinakho ukudukisa intsha yakuleli.
Omunye wamaciko athole indondo nguDkt Ntethelelo Nxumalo (28) waKwaNongoma ohlomule ngendondo eqoqweni leBest isiZulu Film.
Le ntokazi esimnkantshubomvu ekubhaleni izincwadi seziZulu, ithe kuyimangaze kakhulu ukuqokwa njengomunye wabavelele kulo mcimbi njengoba yahambisa umsebenzi eyayiwubona ungekho ezingeni elifanele ngenxa yekhamera eyayisebenzisa.
“Sibhekane nezinkinga eziningana ngesikhathi siqopha amafilimi amabili, okuyiZinyoni Zohlobo neGqubu Lothando ezaziqondene nemali. Sibe sesiphoqeleka ukuthi sisebenzise esinakho ukuze wenzeke umsebenzi,” kusho le ntokazi ebizwakala ukuthi ijabulile.
Uhlu lwabathole izindondo lumi kanje:
1. Best Newcomer Actress
n Yola Plaatjie- Dreams of Gomorrah
2. Best Newcomer Actor
n Aaqil Hoosen- Kings of Mulberry Street
3. Best use of KZN in a Music Video
n Duncan Feat. Prince Bulo - AmaWeave
4. Best Actress
n Nqobile Khumalo - Uncovered
5. Best Actor
n Robert Hobbs- Uncovered
6. Best Supporting Actress
n Rizelle Januk - Kings of Mulberry Street
7. Best Supporting Actor
n Mfana Jones Hlophe - Dreams of Gomorrah
8. Best Director
n Zuko Nodada - Uncovered
9. Best Micro-Budget Film now known as Best Made For TV Film
n Siyabonga Godfrey Dlamini- Nomthawelanga
10. Best Short Screenplay
n Thulile - Megan Van Der Merwe
11. Best Feature Screenplay
n Kandasamys: The Wedding – Jayan Moodley & Rory Booth
12. Best Use of KZN in a Film
n Kings of Mulberry Street - Judy Naidoo
13. Best Film • Uncovered -Thandeka Nodada
14. Best Short Film
n Dreams of Gomorrah - Sithabile Mkhize
15. Best IsiZulu Film
n Izinyoni Zohlobo - Dr Nontethelelo Nxumalo
16. Best Documentary
n Buddha in Africa - Nicole Schafer
17. Best Environmental Film
n Phefumula - Pragna Parsotam-Kok
18. Best Student Film
n Thulile - Andre Cronje