UMCULI weGqom’ ongundabamlonyeni kuleli sonto kulandela ukuvulela uMampintsha icala lokushaya, uBabes Wodumo, uthi lo msunguli weWest Ink owayengumphathi wakhe uzenzela umathanda ngekhasi lakhe le-Instagram.
UBabes Wodumo udalule lokhu kulandela isithombe esifakwe uMampintsha ku-Instagram wakhe sihambisana nombhalo othi ‘#KhulumaNamiBaba’ ngaphansi kwaso okuphawule i-akhawunti kaBabes ku-Instagram (@babes_wodumo) ifaka izinhliziyo zothando.
Kwenzeka esifanayo nangesikhathi esanda kukhuluma kwiMetro FM i-akhawunti yakhe ilokhe iphawule njalo ngezinhlizinyo nemiyalezo yothando ekhasini likaMampitsha (@mampintsha_shimora). Lokhu kwadala indida kubalandeli ngokuthi uyena ngempela yini uBabes ophawula kulezi zithombe.
FUNDA:
Kulokhu uMampintsha usisusile isithombe ekhasini lakhe ngemuva kokucetshwa uBabes kutwitter ukuthi empeleni nguye obuye asebenzise i-akhawunti yakhe.
Isithombe esifakwe uMampintsha kwi-Instagram yakhe kwaphawula i-akhawunti kaBabes kuso ifaka ama-emoji ezinhliziyo ezibomvu.
“Ngicela ukukubika ukuthi uMampintsha usebenzisa ikhasi lami ku-Instagram ngaphandle kwemvume yami ukuze aphawule ezithombeni zakhe. Une-password yami, ngokunjalo neye-iCloud ngakho uyakwazi ukungena kuma-akhawunti ami (ezinkundla zokuxhumana). Ufike afake isithombe ekhasini lakhe, angene kwelami aphawule kuzo,” usho kanje.
Greetings everyone
I would like to put it on record that Mampintsha is using my Instagram account, without my consent,tocomment on his statuses. He has my password including that of iCloud so he has access to my accounts. He posts to his account then logs into mine log to comment pic.twitter.com/SECVC9ZFJQ
— Bongekile simelane (@BABESWODUMO) March 8, 2019
Kuleli sonto uMampintsha noBabes bavulelane amacala okushaya. UMampintsha uvele enkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesibili wadedelwa ngebheyili kaR2000 kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngoMashi 15. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi uBabes uvulelwe icala lokushaya naye kodwa belungakamenyezelwa usuku azovela ngalo enkantolo.
UBabes, nabanye abangani bakhe abathathu okubalwa kubo omunye umculi weGqom’, uTipcee, bavulelwe elinye icala lokushaya ngowesifazane esiteshini samaphoyisa eMbilo ngoLwesibili.