KUTHIWA yonke into ihamba kahle phakathi kukaMampintsha noBabes Wodumo KUTHIWA yonke into ihamba kahle phakathi kukaMampintsha noBabes Wodumo
NgeSonto bekusabalele imibiko yokuthi uBabes ulihoxisile icala alivula ngemuva kwesehlo esaqoshwa bukhoma ku-Instagram eshaywa.
Ukwenzeka kwaloku ngoMashi kwasusa omkhulu umsindo, abantu begxeka uMampintsha.
“Akukho engizokuphawula. Icala liyabuyela enkantolo ngomhlaka-15 ngakho konke sizokuthola khona. Angikwazi ukukhuluma ngokwenzekayo,” kusho ummeli kaMampintsha uPat uMagwaza.
Imenenja kaMampintsha, uLindo “Dogg DBN” Buthelezi, uthe uMampintsha yena ulisulile icala ayelivulele uBabes ngoba ethi naye umshayile.
“Bayazwana yonke into ihamba kahle. Mayelana noBabes ukuthi naye icala ulisulile angazi,” kusho uDogg.
Imizamo yokuthola uBabes ayiphumelelanga njegoba ucingo lukadadewabo, uNondumiso Simelane, oyimenenja yakhe belukhala lungabanjwa.
Muva nje laba benze ingoma ndawonye ethi Khon’iyingane Layindlini okukhona kuyo noDJ Tira.