UMAMPINTSHA, oyilungu leBig NUZ, ugonyuluke ngobudlelwano osebumuncu nomphathi we-Afrotainment uDJ Tira kusukela esungule inkampani yakhe iWest Ink.
NgeSonto uDJ Tira ukhiphe isitatimende lapho eveze khona ukuthi iqembu selinabaphathi abasha.
“Ngizizwa ngathi kumele ngikusho lokhu. Sengiyizibe kakhulu le mibuzo. Ikuphi iBig NUZ? Izophuma nini i-albhamu yeBig NUZ?” kubhala uTira.
Uthe yena, uMampintsha noDanger abukho ubutha phakathi kwabo.
“I-Big NUZ inabaphathi abasha. Ngakho akukhona okukaDJ Tira ukuthi ukuthi i-albhamu yeBig NUZ kumele iqoshwe nini nokunye,” kusho uTira.
Uthe akanaso isiqiniseko sokuthi zithini izinhlelo zikaDanger noMampintsha zakulo nyaka kodwa uma befuna ukusebenza naye ne-Afrotainment, amasango avuliwe.
Uthe uzobeseka kukho konke.
“Ngiyathanda ukusibona sisizana sonke. Ngiyafuna ukubona imboni yomculo eKZN iqhubekela phambili. Ngakho ngiyacela nisivumele senze into esiyithandayo. Umuntu wenza into ejabulisa inhliziyo yakhe.”
UMampintsha, ekhuluma ohlelweni lwantambama kwiGagasi FM iKings Drive ebiyethulwa nguNomfundo Clarissa noKing Sfiso izolo, uthe akayazi eyokuthi iqembu selinabaphathi abasha. Uthe ngabe kungcono ukuba uTira uyishilo.
Uthe uzama ukuzenza abukeke kahle.
“Kusukela ngosuku lokuqala asikaze sithi sifuna ukuphuma noma ukuhamba. Nami ngivula inkampani yami ngangiyivuliswa wukuthi ngifuna ukwenza into yami ngoba sengisebenzile ekhaya, sengikhulile futhi nginamava,” kusho uMampintsha.
Uthe isimo phakathi kwabo siqale ukushintsha ngesikhathi esungula inkampani nobudlelwano bangaba buhle.
“Ngathola uBabes, sengiqala ukusebenza naye ngaba wumuntu ohlebekayo njengoba namanje ngisahletshwa.”
Uthe iBig NUZ iyakhipha bese yeqisa unyaka. Wunyaka lapho bengakhiphanga khona lapho aqala ukusebenza uBabes Wodumo.
Uthe kusukela lapho uTira akabanga esagxila kwiBig NUZ kodwa wagxila kuyena (Mampintsha). Uthe naye wathola abadansi, abanye ababengabakaBabes futhi wazama ukuba noBabes wakhe.
“Ukugxila kwakhe kwiBig NUZ kwaphela mhla ngikhipha uBabes. Wakhohlwa yiwo wonke umuntu.”
Uthe ubudlelwano bakhe noDanger busafana ngoba bayaxoxa uma kukhona into ebalulekile.
Uthe uma uTira ebona ukuthi usematasa bekumele athathe uDanger amfake ezingomeni kodwa akakwenzanga lokho.
Uthe iBig NUZ ingayikhipha ngisho eWest Ink noma e-Afrotainment, akanankinga.
“NoDanger uma esazimisele uzongifonela. Izandla zivuliwe. Anginankinga inqobo nje uma siya phambili.”
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uDJ Tira uthe uyakuhlonipha ukuthi uMampintsha usegxile enkampanini yakhe.
“Iphutha uma ethi unaso isikhathi seBig NUZ ngoba ngaso sonke isikhathi inkampani yakhe ihamba phambili. Uyahluleka wukuhlela ngendlela isikhathi. Ziningi izikhathi lapho uDanger kumele ahoxise imicimbi ngoba uMampintsha engekho. Kwesinye isikhathi athathe uL’vovo. Kubuhlungu ukuthi kube engathi inkinga ingakithina kanti umatasa,” kusho uTira.
UDanger unqabile ukuphawula.