Ezokungcebeleka

UMampintsha noBabes bacela uxolo

Mcebo Mpungose|Published

UMAMPINTSHA noBabes abacela ukuxolelwa ngezigemegeme zabo zangoMashi nonyaka. Isithombe: Instagram UMAMPINTSHA noBabes abacela ukuxolelwa ngezigemegeme zabo zangoMashi nonyaka. Isithombe: Instagram

ABACULI beGqom uBabes Wodumo noMampintsha baxolisa abaphezi ngezigemegeme zabo ezibafake ezinkantolo kusukela ngoMashi nonyaka.

Laba baculi ngempelasonto bashicilele isitatimende bexolisa ngezigameko ezibafake enkantolo ngenyanga kaMashi baveza nokuthi bamatasa bazama ukuba nngabantu abangcono. 

Ngeledlule lihoxile icala laMampintsha lokushaya uBabes. NgoJuni, uBabes nodadewabo uNondumiso Simelane kanye nomunye umculi weGqom’ uTipcee kwahoxa icala labo lokushaya owasifazane eMbilo okuthiwa babemsola ngokuputshuza amavideo abo bendawonye ngesikhathi uMampintsha evela enkantolo. 

Esitatimendeni abasifake ezinkundleni zokuxhumana, uMampintsha noBabes baqinisekise ukuhoxa kwamacala enkantolo baxolisa nangokuhlukanisa abalandeli babo phakathi. 

FUNDA: 

“UMampintsha usazibophezele ekusebenzeni nabomthetho nezinhlangano ezizimele ngenhlangano yakhe i-‘Fix Him Fix It’efundisa amadoda ngokuhlukunyezwa kwabesifanzane. Bobabili bayaxolisa ngokwenzekile futhi bayazi ukuthi kuhlukanise phakathi isizwe ngakho bafisa ukuxolisa ngobuhlungu enibuzwile ngenxa yecala,” kusho isitatimende. 

View this post on Instagram

A post shared by Mandla Maphumulo (@mampintsha_shimora) on Jul 13, 2019 at 2:58am PDT