CISHE minyaka yonke abalandeli baDr Malinga sebelindele ukuthi ngesikhathi samaholidi uzokhipha ingoma eshisa izikhotha ethinta ukungalali. Nakulokhu akabenzelanga phansi abalandela bakhe njengoba emasontweni edlule ememezele inoni lakhe elisha elithi Solala Ekseni alenze neRudeboyz. Leli culo lilandela elithi Akulalwa (ayenza noDJ Shimza ngo-2016), ne-Angilalanga Izolo yanyakenye.
Ngaphambi kokuthi akhiphe Solala Ekseni abantu ezinkundleni zokuxhumana bese bevele beqalali bebuza ukuthi ngabe siyalala nonyaka njengoba ebengakasho lutho uDr Malinga.
Engxoxweni ne TshisaLIVE, uMalinga uthe akazwani nobuthongo ngesikhathi samaholidi ngoba kusuke kuyisikhathi sokujabula ngemuva konyaka omude kade esebenza ngokuzikhandla.
“Angilali ngoba ngisebenza ngokuzikhandla. Asilali ngoba isikhathi samaholidi isikhathi sokujabula sikhumbule zonke izinsuku ezinobusuku esingalalanga ngabo. Amaculo ami awabantu abasebenza ngokuzikhandla,” kusho uMalinga.
Uthe ngesikhathi ekhipha iculo lakhe lokuqala ngokungalali wayengazi ukuthi uzogcina eyiciko elizokwaziwa ngokungalali.
“Abalandeli bami bayalithanda itemu lokungalali. Bangamukela noma iliphi elinye iculo onyakeni kodwa ngoDisemba njalo sengiyabuzwa ukuthi, ‘Dr Malinga ngabe siyalala nonyaka?’ njengendlela yokuphendula lowo mbuzo sengivele ngidedele amaculo ashisayo ngokungalali,” usho kanje.