UPHIKE eyokuba nguvumazonke endodeni yakhe omunye wamakhosikazi agane usomabhizinisi odume ngohlelo Uthando Nes’thembu kuthelevishini.
UNkk Thobile MaKhumalo-Mseleku uthe uyazi abaningi bacabanga ukuthi uvumela konke okushiwo ngumyeni wakhe uMnuz Musa Mseleku ngoba bebembona enjalo ohlelweni lwethelevishini. Ubekhuluma ngempelasonto emcimbini wabesifazane eMoses Mabhida eThekwini, eyala abesifazane ukuthi bangathobi kuze kweqe.
“Kunomehluko phakathi kokuthobela indoda nokuvuma yonke into. Akulona icala ukuthobela indoda yakho kuphela hhayi noma iyiphi ohlangana nayo. Kuwubudomu ukuvuma yonke into eshiwo yindoda yakho ngisho isibheda. Ngiyazi nizothi ingani nami bengivuma yonke into. Kumele usebenzise ubuhlakani uma ungunkosikazi, ungehlisi isithunzi sendoda yakho kubuka izwe lonke,” echaza.
UMaKhumalo uthe kulula kakhulu ukuthobela indoda uma ikuthanda. Uthe inhloso yokuthi uNkulunkulu athi owesifazane akathobele indoda yingoba bekumele yona iqale ithande umkayo. Ugcizelele ukuthi uyamthobela uMseleku kodwa uma ephaphalaza akasabi ukumtshela.
Uthe obekwenza avume konke ohlelweni lwethelevishini ukuthi ubengafuni ukubukisa ngaye. Uveze ukuthi uyamlinda aqede akushoyo bese embonisa kahle ukuthi bekungakuhle benze ngenye indlela.
UMaKhumalo ophinde ethule izeluleko nezinkulumo ezakhayo kwiGagasi FM, ubegxekwa ngabaningi ngokuba nguvuma zonke kuMseleku.
Ngesikhathi lusanda kuqala uhlelo lwethelevishini wayeyintandokazi kwabaningi. Nokho kwashintsha konke lokhu ngesizini yokugcina, abanye bemgxeka ngokuba wuvumazonke ukuze abe muhle endodeni. Abanye bebethi ufuna ukuthandwa kakhulu kunabanye abanakwabo.