IZOLUBAMBA kuze kube kuqashwa umethuli omusha ngokusemthwethweni uhlelo iReal Gobhoza, insizwa yaseMlaza esizakhele igama ngokukhuluma ngezindaba ezihlukene ezithinta osaziwayo kuthelevishini uBlessing “MaBlerh” Cele.
Lokhu kulandela ukuthi emasontweni adlule kulolu hlelo kushiye omunye wabethuli balo uDonovan Goliath.
UDonovan, obeselwethule izinyanga ngokubambisana noSinazo Yolwa, kuvele ukuthi abakhiqizi balo abeneme ngendlela alwenza ngayo.
Okhulumela iSABC 1, uPhillip Mabitsela, uthe maduze bazokhipha isitatimende esizocacisa ngokuzokwenzeka kulolu hlelo neLive Amp.
“Uhlelo lomculo iLive Amp bobabili abethuli balo bamemezele izindaba zokushiya kulo emasontweni adlule. Kanjalo nakuRGB, kukhona umethuli oyedwa ngakho sozimemezela maduze izinguquko ezizokwenzeka kuzona zombili lezi zinhlelo,” kusho uPhillip.
Uthe uMaBlerh uzoqhubeka abambe izintambo kulolu hlelo njengoba esebonakale iziqephu ezimbili kulona.
Kulolu hlelo ngemuva kokuhamba kukaDonovan osaziwayo bakuleli okukhona kubo uZweli Dube bake banikwa ithuba lokuphatha izintambo.
Ezinkundleni zokuxhumana le nsizwa isishayelwe izandla ngokuthola leli thuba njengoba abantu bebenxusa ukuthi iqashwe ngokusemthethweni kulesi sikhala.
Ku-Instagram kwesinye sezithombe zakhe ekulo lolu hlelo, ubhale ukuthi uphinde wabizwa ukuzothula lolu hlelo futhi.