UMCULI wekwaito uL’vovo uthi usebuyele enkampanini yakhe iDerrango Records ngemuva kokushiya eMabala Noise.
“Ngazicelela mina ukuthi ngikhululwe ukuze ngizokhulisa inkampani yami, angixoshwanga,” kusho uL’vovo.
Uthe njengamanje base-studiyo noDanger baqedela i-EP yabo ezophuma maduze. Kumanje banengoma ethi Simnkatsh’ubomvu abayikhiphe kulo nyaka.
“Empeleni i-EP isiphelile kodwa silinde ukuthi kwehle iCorona bese siyayikhipha. ISimnkatsh’ubomvu siyikhiphele ukuthi abantu badanse besemakhaya kodwa manje asikho isidingo sokukhipha i-albhamu. Uma ukhipha i-albhamu usuke ufuna ukuthola imisebenzi ukwazi ukuyodansisa abantu bukhoma. Uma sekwehla lesi simo siyakhipha,” kuchaza uL’vovo.
Uthe ujabule ngendlela ingoma yabo ethakaselwe ngayo kangangokuba ize yahamba phambili kwiTop 20 yoKhozi FM.
Imenenja yeMabala Noise uSquiks Nzuza ukuqinisekisile ukuthi abasasebenzi noL'vovo.
“Ngesikhathi sithatha isinqumo sokuthi sishintshe indlela esibukeka ngayo nendlela esenza ngayo sikhethe ukuthi sibakhulule bonke abaculi sashiya uZakwe kuphela. Asifuni ukudayisa lapha kuphela kodwa sifuna ukusabalala umhlaba wonke. Sidinga umculo onesigqi sakuleli abangawazi phesheya nozodayiseka kalula. Yingakho sesinoMnqobi Yazo noSonke owayekuma-Idols eminyakeni edlule,” kusho uSquiks.
Phakathi kwabanye abakhululiwe kubalwa uDosline, Du Boiz, Mozkid nabanye.
“Sifuna umculo abangawujwayele phesheya. Ukwenza isibonelo nje, bekunzima ukudayisa umculo kaDu Boiz ngoba uyafana nabawenzayo. Laba baculi esinabo manje seneme ngabo kodwa sisababheka abanye yize singajahile. Asifuni ukuphinda iphutha esalenza lokugcwalisa abantu abaningi.”