UMCULI, uLoyiso Bala, oqokwe njengomqondisi wesiteshi sethelevishini, iTrinity Broadcasting Network (TBN), uthe ngeke awuyeke umculo njengoba eseqokelwe kulesi sikhundla.
Ngaphambi kokuqokelwa esikhundleni sokwengamela lesi siteshi esitholakala kwiDStv channel 343, ubengumethuli wohlelo iTBN Meets aphinde abe ngumdidiyeli wezinye izinhlelo.
“Ngizoqhubeka nokwethula uhlelo nokucula. Esikhathini esingangenyanga ngizokhipha ingoma ethi, Yaweh engiyenze neThe Jesus Collective. Ngiyathanda ukudumisa. Esontweni ngithanda ukuhola umculo,” kusho uLoyiso.
Uthe wayengakaze acabange ukuthi uyoba wumphathi wesiteshi .
“Ngilalela uNkulunkulu ukuthi kumele ngenzeni. Uma ukholwa Nguye, uyayivula iminyango. Kunevesi elithi umuntu ngisho angaba nezinhlelo zakhe kodwa yintando kaNkulunkulu eyokwenzeka. Abantu babanjezelwa wukuba nezinhlelo zabo ngisho uNkulunkulu ukuphushela kwenye indawo. Eminyakeni emine eyedlule ngangingeke ngicabange ukuthi ngingaba lapha,” kusho uLoyiso.
Uthe akazi nokuthi kungani athatha isinqumo sokubuyela esikoleni lapho enza khona izifundo zokuphatha.
“Ngaphasa kahle abantu bathi angenze iMBA (Master of Business Administration) ngathi anginayo imali. Ngavele ngathola umfundaze.”
Njengamanje wenza unyaka wokugcina eHenley Business School.
Uqhube wathi usahlela ukuthi uzokwenzani kulesi siteshi esigxile kakhulu ezinhlelweni zamakholwa.
“Okwami wukuthola amabhizinisi amasha nobudlelwano obusha ukuze sizokwesekwa. Ngifuna ukuthola nezinhlelo zalapha ngaphandle kwalezo esizithola phesheya. Ngifuna nezinhlelo ezigxile kakhulu kubantu abasha kodwa lokho ngeke sikwenze ngaphandle kokuthi sibe nababukeli.”