ABAMELI bowayeyisilomo somsakazi woKhozi FM, uLinda “Mr Magic” Sibiya bazobhalela izikhulu zeSABC kuleli sonto bacele umhlangano mayelana nekusasa lakhe.
Lokhu kuvezwe nguye uMr Magic izolo ekuseni lapho echithe khona amahlebezi okuthi uyabuyela kuKhozi kusukela ngesonto elizayo.
“Angiyazi le mibiko ukuthi iqhamuka kuphi. Kusho ukuthi kukhona ingelosi yami efuna ngibuyele emsakazweni,” kusho uMr Magic.
Uthe ubengakaze ahlangane nabaphathi boKhozi mayelana nezinhlelo zokuthi abuyele emsebenzini.
“Abameli bami bazobhalela abaphathi beSABC ukuze sibonisane ukuthi sizomisa kanjani ngoba anginalo icala neSABC. Inkontileka yami yanqanyulwa ngisasalelwe wunyaka ngakho ngizimisele ukuthi ngibuyele ngiyoyiqedela noma bangikhokhele. Uma bengikhokhela ngizothatha leyo mali ngithenge isikhala emoyeni ukuze ngizovalelisa kahle kubalalaleli,” kusho uMr Magic.
Lo msakazi wakhonjwa indlela ngo-2014 ngezinsolo zokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R1.8 million yakwa-Edcon. Kwavela ukuthi icala lakhe lihoxisiwe enkantolo ethinta amacala emali eGoli.
“Ngiyawuthanda umsakazo. Uma ithuba livela ngikulungele ukubuyela. Ngisho bengangifaka ebusuku vele yilapho ngaqala khona ngingena ngo-12 kuya ku-5 ekuseni. Noma yiluphi uhlelo ngingalwenza,” kuchaza uMr Magic.
Uthe luyamangalisa uthando aluthola kubantu.
“Ngiyabonga ngothando futhi nami ngeke ngiqambe amanga, ngibakhumbule abalaleli.”