Ezokungcebeleka

ULinda Sikhakhane ufuna i-jazz idlalwe noma yinini emsakazweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UINDA Sikhakhane osanda kuhlabana ngendondo yokuqala kumaMetro FM Music Awards

Image: Instagram

UMCULI we-jazz osanda kuhlabana ngendondo yakhe yokuqala emiklomelweni emikhulu kuleli, uLinda Sikhakhane, ufuna lo mculo ungagcini kuphela ukudlalwa ngeSonto emisakazweni.

ULinda (32) uthole indondo yeBest Jazz Album kumaMetro FM Music Awards abeseMpumalanga ekuqaleni kwenyanga. Bekuwumklomelo wakhe wokuqala emuva kokuqokwa nakumaSouth African Music Awards kodwa ebuya eshwiba izandla.

“Ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi yinto ebengiyilindele kodwa kuyintokozo enkulu ukuthola umklomelo onje.”

Uqumbe phansi umculi ohlonishwayo abukela kuye nowamkhulisa emculweni uNduduzo Makhathini, odlale indima enkulu nakwi-albhamu anqobe ngayo Iladi.

“Ngingathi iqhawe lami (uNduduzo) belingibelethe ngoba awukho umsebenzi esengike ngawukhipha iqhawe lingafakanga isandla. Ngikubona kungaphezu kokuqhathwa kodwa kuwukungikhulisa ngezindlela eziningi.”

Uthe yize umculo wabo unakwa kodwa ushoda ngethuba emsakazweni njengezinye izinhlobo zomculo. Uthe ukholwa wukuthi kunabacabanga ukuthi i-jazz akuyona eyabantu abasha, okungelona iqiniso.

“Umculo esiwenzayo uqukethe kakhulu ngendlela yokuthi eminye imiculo izalwa yiwo lo mculo bese kuyathusa ukuzwa ukuthi i-jazz yinto yangeSonto kuphela. Isifiso sami ukuthi abantu abanikwe ithuba lokuthi bayizwe i-jazz ngaso sonke isikhathi. Selokhu kwathi nhlo abantu abahamba phambili kuyo ngabantu abasebancane. Uma ungacabanga izingqungqulu ezifana noHugh Masekela ngesikhathi esekudingisweni, wayemncane kakhulu. Uma ucabanga abantu abanjengobaba uWinston Mankunku Ngozi uma ekhipha iYakhal’ inkomo, wayeneminyaka engu-26. Kungaba kuhle uma nathi ithuba silithola ngesikhathi abantu belalele ngoba umyalezo okhona mkhulu.”

Ubonge uBrian Thusi, ongasekho, athe wamvulela amathuba eMlaza lapho afunda khona i-jazz.

Uveze ukuthi njengoba naye wavulelwa indlela, wenza okufanayo nakwabanye ngokufundisa ezikoleni ezihlukahlukene.

Uke wafundisa eTshwane University of Technology unyaka wonke odlule.

“Sengibuyele eThekwini ngizowenza wona umsebenzi wokulekelela abadinga usizo kulolu hambo lomculo. Ngisebenza kakhulu neSiyakhula Music Centre eMlazi lapho engafunda khona. Kunomsebenzi womfowethu uParas Dlamini, ophume ngaphansi kwenkampani yami.”