OMUNYE wabalingisi abahlonishwayo kuleli uLillian Dube usephumele obala waveza ukuthi usalwenza ucansi futhi unamthoyizi okuzijabulisa ngocansi (vibrator), ayisikhombisa.
ULillian udalule lokhu engxoxweni yakhe nephephandaba eliphuma njalo ngeSonto, iCity Press, lapho abekhuluma khona ngendawo ayilingasayo efelimini entsha ezoqala ukukhonjiswa ngo Agasti 31 ema-cinema akuleli, iLooking For Love.
Lo mlingisi uzobe edlala indawo kanina kaBusi (olingiswa nguCeleste Ntuli), osuke engaphansi kwengcindezi yokuthola umaqondana.
“Singabazali akusho lutho ukuthi izingane zethu sizikhulisa kanjani, ziyohlezi zikhetha ezifuna ukuthandana nabo. Zihlezi zifuna uthando ezindaweni ezingalungile nokwenza zingaphatheki kahle,” kuchaza uLillian Dube owayedlala indawo kaSista Betina kwiSoul City.
ULilian uthe naye useke wadlula kulesi simo ngaphambi kokuhlangana nomuntu asethandana naye manje. Uthe noma esemtholile umaqondana wakhe akaziboni eshada futhi. Uveze ukuthi benomuntu wakhe bakhuluma ngazo zonke izinto kodwa uvame ukuba namahloni uma kukhulunywa ngocansi. ULillian nokho uthe yena akumfakeli amahloni ukukhuluma ngocansi.
“Ngisalwenza ucansi. Nginama vibrator ayisikhombisa. Ngiphila impilo eyiqiniso akukho engingakufihla,” kusho yena edalula nokuthi wawathenga emnyakeni edlule ngesikhathi engathandani namuntu.
“Abantu kumele bayeke ukuphilela ukugculisa abanye abantu. Injabulo yakho isezandleni zakho,” kuqhuba yena.