INKOSIKAZI kaHHP, uLerato Sengadi, ishaya phansi ngonyawo ithi izoyamukela yona indondo yamaSama okuzohlonishwa ngayo lo mculi ngoMgqibelo eSun City.
Ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphe ngemuva kokuthi kube nemibiko ethi, uSeabelo Modibe ongumngani kaHHP nabebambisene nabo, beveze le ndondo bathi uLerato ngeke ayamukele.
Isolezwe NgeSonto libike ukuthi uSeabelo ugxeka abahleli balo mcimbi ngokumema uLerato ukuthi azomukela le ndondo bengakawuthinti umndeni wakhe.
USeabelo uthi akazi ukuthi uLerato uzomukela le ndondo ngaliphi njengoba engayena unkosikazi kaHHP.
ULerato esitatimendeni asikhiphile, uthe uyena owafaka isicelo sokuthi ahlonishwe.
“NgoMashi 21 njengonkosikazi kaJabba ngafaka isicelo kwabakaSouth African Music Awards neRisa ukuthi umyeni wami ahlonishwe. NgoMeyi 10 ngathola i-email ingitshela ukuthi umyeni wami uzohlonishwa ngale ndondo. Namanje isekhona leyo email njengoba konke lokhu ngangikwenza ngoba ngifuna ukugcina igalelo lomyeni wami liphila. Ngesikhathi ngifaka lesi sicelo ngangazi ukuthi akekho omunye osekwenzile lokho. Ngangikwenza futhi ngoba ngazi ukuthi uma siphumelela isicelo sami uzoba ngumculi omncane we-hip hop ukuhlonishwa ngalolu hlelo,” kusho uLerato.
Uthe ngenxa yokungafuni ukushiya umndeni kaHHP ngaphandle, yize kukhona isimo esingesihle phakathi kwabo, wakhetha ukuthumelela unina kaHHP, uNkk Theriso Tsambo, i-email emtshela ngalokhu asekwenzile.
Uveze ukuthi waphinde waxhumana nogogo ogade indodana kaHHP, uLeano, ukuthi lo mculi uzohlonishwa.
“Kuleyo email ngacela yena noLeano ukuthi babe ingxenye yalo mcimbi ukuze siyemukele sonke le ndondo. Kuyangikhathaza lokhu okushiwo uSeabelo njengoba eya kwabezindaba ngale ndondo njengoba kuyimina owayenza konke okuthinta umsebenzi kaJaba, yena wayegxila kokwasehhovisi kuphela. Le ndondo ayingeni ngaphansi kwesitebele ayeqopha ngaphansi kwaso iLekoo Entertainment,” kuchaza yena.
Uthe azisola ngakho ukuthi abasifakanga isicelo sokuthi ahlonishwe esaphila.