UMLINGISI owazakhela udumo ngokulingisa indawo kaGugu emdlalweni owawuthi uGugu noAndile, uLungelo Nxele, uselaxaze indawo abeyilingisa kwiSithembiso ngenxa yokungahambisani nabezokulingisa.
ULungelo (30) waseNanda uthe igoda seligqabukile phakathi kwakhe nalo mdlalo ngenxa yokungaboni ngaso linye nabadidiyeli bawo.
Ubelingisa indawo kaNothando. Uthe wabatshela emehlweni ukuthi ngeke esaqhubeka nokulingisa kulo mdlalo njengoba ubesezodlala indawo yomuntu oqoma aze aquleke.
“Njengomuntu osewunkosikazi nomzali, ngibone leyo ndawo ingasangifanele ngakhetha ukuhoxa. Bathe abadidiyeli ngeke bayibulale indawo kaNothando kodwa mina anginandaba noma kungathiwa uthe ehamba, washayiswa yimoto washona, anginankinga.”
ULungelo useke wahlabana ngemiklomelo eminingi yezindondo ngaleli khono lokulingisa, futhi usenamava kule ndima njengoba aqala ukugqama kulo mkhakha ngo-2008, ngokulingisa indawo ka-Andile, futhi waze wahlabana ngendondo yeBest Promising Actress kuma-Africa Academy Awards eNigeria ngo-2009.
Waklonyeliswa ngeBest Lead Actress nakumaSaftas. Kusukela lapho akabange esabheka emuva njengoba esebuya kolingisa nakwiSingle Galz, A Place Called Home, Intersexions neDream World.
Ngaphandle kokulingisa, uLungelo ubuye abe ngumsunguli wesigcawu okuhloswe ngaso ukuhlomisa amaciko asafufusa ngolwazi, i-Africa Television Market eqeda iminyaka emihlanu itakula amaciko.
Kulo nyaka lo mbuthano uzobe ubanjelwe eMaharani Hotel eThekwini, kusukela ngoJulayi 19 kuze kube uJulayi 22.
Esithangamini sabezindaba uLungelo uthe lolu hlelo luzoba nochungechunge lwezinsuku ezine luhambela nakwezinye izindawo.
Namhlanje luzobe luseBat Centre eThekwini emini. Ubambisene noMnyango wezobuCiko namaSiko, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho eKZN noMasipala weTheku.