UZOKUBA seGoli kuphela umcimbi womculi waphesheya kwezilwandle ongusonkondlo, uLauryn Hill, izolo okuvele izindaba zokuthi uza eNingizimu Afrika ngoFebhuwari ngonyaka
ozayo.
ULauryn uzohambisana nomrepha owazakhela igama eminyakeni yama-90s, uNas.
Bazonandisa eTicketpro Dome, ngoFebhuwari 2.
Uhambo lungolunye lukaLauryn lokugubha iminyaka ewu-20 esendimeni yomculo.
Usuku eza ngalo kuthiwa ulumemezele izolo kanjalo namanye amazwe azowahambela.
Enkundleni yokuxhumana uTwitter, uLauryn unxuse abantu emhlabeni wonke ikakhulu emazweni azowahambela ukuthi baphume ngobuningi bayothenga amathikithi.
UDionne wakwaBig Concert, inkampani esizakhele udumo ngokuletha abaculi baphesheya kuleli, uthe amathikithi omcimbi aseqalile ukutholakala eTicketpro Dome.
“Abathandi bakaLauryn Hill banezinyanga ezine kuphela ukulungiselela amaphimbo abo futhi bazikhumbuze nezingoma zakhe uma sebezikhohliwe okukhona kuzo ethi, Can’t Take My Eyes Off of You nethi Lost Ones,” kuchaza yena.
Khonamanjalo, eNingizimu Afrika kuseza abaculi okukhona kubo * -Ed Sheeran. USheeran uza ngoMashi ngonyaka ozayo ukuzocula eGoli naseKapa.
Omunye umculi oyintandokazi uSam Smith ozofika ngo-Ephreli. Naye uzocula eGoli naseKapa.